Dlulela kokuphakathi

JULY 16, 2014
ERUSSIA

INkantolo YaseRussia Izokhipha Isinqumo: OFakazi BakaJehova Bamangalelwa Ngenxa Yokholo Lwabo

INkantolo YaseRussia Izokhipha Isinqumo: OFakazi BakaJehova Bamangalelwa Ngenxa Yokholo Lwabo

Ngo-July 28, 2014, iNkantolo YaseTaganrog izokhipha isinqumo sayo ecaleni loFakazi BakaJehova abangu-16 eselidonse izinyaka ezingu-15. Iziphathimandla zaseTaganrog zimangalela oFakazi ngokuhlela imihlangano yenkolo, ukuya kuyo nangokuxoxela abanye ngokholo lwabo—imisebenzi eyenziwa oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. Uma oFakazi betholwa benecala eTaganrog, lokho kuzokwenza iziphathimandla zaseRussia zimangalele oFakazi BakaJehova ngenxa yokwenza imisebenzi yabo yenkolo.

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Russia: Grigory Martynov, tel. +7 812 702 2691