Dlulela kokuphakathi

JULY 2, 2013
ERUSSIA

INkantolo YaseYurophu Ivikela Amalungelo Okugcinwa Kokwaziswa Komuntu Kuyimfihlo Ecaleni Elihilela OFakazi BakaJehova

INkantolo YaseYurophu Ivikela Amalungelo Okugcinwa Kokwaziswa Komuntu Kuyimfihlo Ecaleni Elihilela OFakazi BakaJehova

ENEW YORK—NgoLwesine, ngo-June 6, 2013, iNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu (ECHR) yathi iRussia ayikhokhele uNkosazana V. Zhukova noNkosazana Y. Avilkina ama-euro angu-5 000 (R65 000). Iziphathimandla zaseRussia zazithathe amaphepha avela kudokotela anokwaziswa okuyimfihlo kukaNkosazana Zhukova noNkosazana Avilkina ngaphandle kwemvume yabo. INkantolo ithe lesi senzo siwukwephulwa kwamalungelo ayisisekelo okugcinwa kokwaziswa komuntu kuyimfihlo, yathi futhi leso “isimiso esibaluleke kakhulu” esiqinisekiswa iSivumelwano SaseYurophu.

Lesi sinqumo seNkantolo sithathwe ngemva kweminyaka emihlanu kungenele abezomthetho. Ngo-2007, iSt. Petersburg Deputy City Prosecutor yayala izibhedlela ukuba zithumele “zonke izicelo zoFakazi BakaJehova zokwenqaba ukumpontshelwa igazi noma izingxenye zalo” ehhovisi likamshushisi—zingazange zitshelwe iziguli noma kucelwe imvume kuzo. Ngakho, ngo-March 9, 2009, oFakazi bavula icala kuyi-ECHR lika-Avilkina nabanye ngokumelene neRussia. Esinqumweni sayo, iNkantolo yathi izenzo zeRussia “zazicindezela” futhi yathi zazingekho nhlobo “izizathu ezizwakalayo noma ezanele” zokuba kudalulwe lokhu kwaziswa okuyimfihlo eziphathimandleni.

Ekhulumela imiphumela emihle yokuqulwa kwaleli cala, uGrigory Martynov, umkhulumeli woFakazi BakaJehova eRussia, uthi: “Lesi sinqumo seNkantolo sizokwenza ukuba kuvikelwe amalungelo ayisisekelo azo zonke izakhamuzi zaseRussia nabanye abantu abaningi kwamanye amazwe angaphansi koMkhandlu waseYurophu.”

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Russia: Grigory Martynov, tel. +7 812 702 2691