Dlulela kokuphakathi

MARCH 3, 2014
ERUSSIA

Inkantolo Okudluliselwa Kuyo Amacala ERussia Imelela Amalungelo Abantu Ngokushintsha Isinqumo Sokwenqabela Ukusetshenziswa Kwe-JW.ORG

Inkantolo Okudluliselwa Kuyo Amacala ERussia Imelela Amalungelo Abantu Ngokushintsha Isinqumo Sokwenqabela Ukusetshenziswa Kwe-JW.ORG

Ngo-January 22, 2014, amajaji amathathu eNkantolo Yesifunda SaseTver ashintshe isinqumo esasenziwe inkantolo encane sokuba ingasetshenziswa i-jw.org, ingosi esemthethweni yoFakazi BakaJehova. * Ngokungafani nezinye izinqumo ezenziwe izinkantolo zaseRussia eminyakeni embalwa edlule, le Nkantolo Yesifunda yenze isinqumo esisekelwe emthethweni, yamelana nemizamo enamandla yomshushisi yokuba le ngosi ingasetshenziswa.

Ukuhlukunyezwa nokushushiswa koFakazi BakaJehova eRussia okushoshozelwa umbuso kwaba kubi nakakhulu ngo-August 7, 2013, lapho inkantolo encane eTver (eqhele ngamakhilomitha angu-160 enyakatho-ntshonalanga yeMoscow) ikhipha isinqumo sokuba i-jw.org ingasetshenziswa; lesi sinqumo sakhishwa ecaleni elathatha imizuzu engu-25 kuphela. Abameleli boFakazi BakaJehova abatshelwanga ngaleli cala futhi abanikezwanga ithuba lokuba bazikhulumele ngokumelene nokumangalelwa umshushisi wendawo nelokuzivikela phambi kwenkantolo. OFakazi BakaJehova bezwa ngalesi sinqumo ezindabeni sekusele amahora ambalwa ngaphambi komnqamulajuqu wokuba bafake isicelo sokudlulisela icala kwenye inkantolo ngo-September 12, 2013. Ngokushesha bafaka isicelo eNkantolo Yesifunda SaseTver.

Ekuqulweni kwecala ngo-January 22, 2014, iNkantolo Yesifunda yavuma ukuthi ayephuliwe amalungelo abanikazi bale ngosi, i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., futhi yayala ukuba icala liqulwe kabusha ukuze nabo bazikhulumele. Umshushisi, esekelwa abameleli boMnyango Wezobulungisa noWezangaphakathi, wacela inkantolo ukuba ikhiphe isinqumo sokuthi le ngosi “iyeqisa” futhi ingabe isasetshenziswa kulo lonke elaseRussia. Ngenhlanhla, iNkantolo Yesifunda yasenqaba leso sicelo.

Umkhankaso kazwelonke wokuhlukunyezwa uyaqala—umthetho wokubheka into ethile njengeyeqisayo usetshenziswa kabi ukuze uvimbele umsebenzi woFakazi BakaJehova. Ekuqaleni kuka-2009, iziphathimandla zaseRussia zasebenzisa amazwi angacacile eFederal Law on Combating Extremist Activity ukuze zibhebhethekise ukuhlukunyezwa koFakazi BakaJehova kusukela ezindawaneni ezithile kuya emkhankasweni ohlelwe kahle kazwelonke. Lezi ziphathimandla zisebenzise kabi umthetho wokubheka into ethile njengeyeqisayo ukuze zizivikele ngokuphathelene:

  • nokubopha oFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-1 600;

  • nokuvimbela izincwadi zabo zenkolo ezingu-70;

  • nokusesha izindlu nezindawo zabo zokukhulekela ezingu-171; kanye

  • nokuphazamisa imihlangano yabo yenkolo engu-69.

Ekuqulweni kwecala eTver, umshushisi wathi i-jw.org kufanele ingasetshenziswa ngoba ethi inezincwadi eziyisithupha “ezeqisayo.” INkantolo YeSifunda SaseTsentralniy eTver yasekela isinqumo eyasenza ngo-August 7, 2013 emthethweni wokubheka into njengeyeqisayo, isinqumo sokuba i-jw.org ingabe isasetshenziswa futhi ifakwe oHlwini LukaHulumeni Lwezinto Ezibhekwa Njengezeqisayo.

Lesi sinqumo sasingavumelani nhlobo nenjongo yaso ngoba asinikezanga sixazululo—njengokukhishwa kwalezi zincwadi okuthiwa “ziyeqisa” engosini. Lapho iNkantolo Yesifunda ithola ukuthi abanikazi bayo sebezikhiphe zonke izincwadi okuthiwa “ziyeqisa” ku-jw.org eRussia, yabona ukuthi sasingekho isizathu esisemthethweni sokwenqabela ukusetshenziswa kwale ngosi. Manje sesikhishiwe isinqumo esiwujuqu, nakuba umshushisi esalelwe izinyanga eziyisithupha ukuba afake isicelo sokuba icala libuyekezwe.

Ingabe isinqumo seNkantolo Yesifunda SaseTver siyibika lezinto ezinhle ezizayo?

Kuningi okusamelwe kulungiswe. Isinqumo nesahlulelo seNkantolo Yesifunda SaseTver sihluke ngokuphelele ezinqumweni ezicindezelayo ezenziwe ezinye izinkantolo zaseRussia ngokumelene noFakazi BakaJehova. Sekukaningana iNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu (i-ECHR) inqabela ukuhlukunyezwa koFakazi eRussia okubaphuca inkululeko engokwenkolo. Kunokuba isebenzise imithetho eyayisetshenziswa i-ECHR lapho ikhipha izinqumo, iRussia iye yaqhubeka nokungawahloniphi amalungelo abantu ngokuphindaphindiwe. Ukuze balwele inkululeko yabo engokwenkolo, njengamanje oFakazi BakaJehova balinde ukuba i-ECHR iphendule izicelo zabo ezingu-23 ngokumelene neRussia.

Ingabe lesi sinqumo seNkantolo Yesifunda SaseTver siyibika lezinto ezinhle ezizayo? OFakazi BakaJehova balindele ukubona ukuthi iRussia izosabela kanjani kulesi sinqumo nasezinqumweni ezisazokhishwa i-ECHR.

^ isig. 2 Ukuvimbela kwenkantolo ukusetshenziswa kwale ngosi kwakungeke kuvimbele abantu ukuba bangene kuyo. Kunalokho kwakuyonika iziphathimandla igunya lokubeka icala noma ubani oyisebenzisayo.