Dlulela kokuphakathi

OCTOBER 1, 2014
ERUSSIA

OFakazi Bafaka Isikhalo ENkantolo Ephakeme YaseRussia Mayelana Nokuvalwa Kwenhlangano Yabo Engokomthetho ESamara

OFakazi Bafaka Isikhalo ENkantolo Ephakeme YaseRussia Mayelana Nokuvalwa Kwenhlangano Yabo Engokomthetho ESamara

Ngo-October 8, 2014, iNkantolo Ephakeme YaseRussia izolalela isikhalo soFakazi BakaJehova eSamara mayelana nokuvalwa kwenhlangano yabo yenkolo engokomthetho (iLocal Religious Organization [LRO]). Ngaphambilini, isinqumo senkantolo encane sathi i-LRO yaseSamara iyinhlangano eyingozi. Uma iNkantolo Ephakeme ingasishintshi leso sinqumo, oFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-1 500 abahlala eSamara bangase babhekane nezimo ezinzima.

IHhovisi Lomshushisi Lesifunda LaseSamara Liqala Ukuthatha Izinyathelo Eziqatha

Ukuqulwa kwecala le-LRO kwaqala ngo-April 2014, lapho iHhovisi Lomshushisi Lesifunda lithumela isicelo eNkantolo Yesifunda yaseSamara sokuba kuvalwe lokho elithi “imisebenzi eyingozi.” Ngisho nangaphambi kokuba inkantolo yesifunda ithethe leli cala, ihhovisi lomshushisi lase liwumisile umsebenzi we-LRO futhi lathatha nezakhiwo zayo okwesikhashana. Ngo-May 29 2014, iJaji uShabayeva lenza isinqumo esivuna umshushisi futhi layala ukuba i-LRO ivalwe futhi izakhiwo zayo zidliwe. Ngemva kwaleso sinqumo, uMnyango Wezobulungisa waseRussia wafaka i-LRO ohlwini lwezinhlangano zenkolo ezimisebenzi yazo ivinjelwe ngoba iyingozi.

IHhovisi Lomshushisi Lesifunda laseSamara aliqali ukumangalela i-LRO yaseSamara emizamweni yokuyivala. Ngo-2009 ihhovisi lomshushisi lavula icala elaqulwa kodwa kamuva labuye lahoxiswa. Kulokhu kwamanje, iziphathimandla zezomthetho zaseSamara zeza nelinye isu ukuze zifinyelele umgomo wazo.

Izinkantolo ZaseRussia Zivala I-LRO Ngezizathu Ezingacacile

Ngo-January 2013 nango-January 2014, amaphoyisa endawo asesha izakhiwo ezaziqashwe oFakazi bezisebenzisela ukukhulekela futhi athi “athole” izincwadi zenkolo ezazitholakala oHlwini LwaseRussia Lwezincwadi Eziyingozi. IHhovisi Lomshushisi Ledolobha laseSamara laxwayisa i-LRO ngezincwadi ezatholakala lapho kuseshwa ngo-2013, kwathi ngemva kokuba amaphoyisa ethole ezinye izincwadi ngo-January 2014, ihhovisi lomshushisi lavula icala. Ngo-March 7, 2014, iNkantolo Yesifunda YaseSovetskiy eSamara yathola i-LRO inecala futhi yayihlawulisa imali elingana no-R15 213. OFakazi baseSamara bayaqiniseka ngokuthi kuzo zombili lezi zigameko zokusesha, amaphoyisa yiwona afaka lezi zincwadi. Ngaphezu kwalokho, oFakazi BakaJehova bafake isicelo sokuba inkantolo yaseRussia isihoxise isinqumo sayo sokuthi izincwadi zabo ziyingozi, futhi bafake isicelo eNkantolo Yamalungelo Abantu YaseYurophu.

Ngemva kokuba iHhovisi Lomshushisi Lesifunda laseSamara likwazile ukuthola isinqumo esilivunayo eNkantolo Yesifunda YaseSovetskiy, lafaka isicelo salo sango-April 2014 eNkantolo Yesifunda yaseSamara sokuba kuvalwe i-LRO. Abameli boFakazi baveza eJajini uShabayeva ukuthi ukuvalwa kwe-LRO kwakungenasidingo futhi akukho lutho oluyingozi ngomsebenzi nezinkolelo zoFakazi BakaJehova noma i-LRO. Baveza nokuthi izincwadi “ezenqatshelwe” zazifike nawo amaphoyisa ngesikhathi ezosesha. Noma kunjalo, iJaji uShabayeva lanquma ukuyivala i-LRO yaseSamara.

Ingabe Iziphathimandla ZaseRussia Zizoqhubeka Nokwenqabela Abantu Inkululeko Yokukhulekela?

Isigameko saseSamara siyefana nalokho okwenziwa yiziphathimandla zomthetho zaseRussia koFakazi BakaJehova eTaganrog, lapho zasebenzisa khona ngokungafanele uMthetho WaseRussia Omelene Nemisebenzi Eyingozi ekukhulekeleni kwabo. Iziphathimandla zaphumelela ukuvala i-LRO yaseTaganrog ngo-2009 futhi kamuva zavula amacala ngokumelene nabanye oFakazi. Lawo macala aholela ekutheni bavele phambi kwenkantolo futhi oFakazi abangu-7 bendawo bagwetshwa ngenxa nje yokuya emihlanganweni yenkolo. OFakazi BakaJehova eSamara banexhala lokuthi bangase babhekane nemiphumela efanayo.

Kuyoze kube nini iziphathimandla zaseRussia zihlasela inkolo yoFakazi BakaJehova? Kusukela ngo-June 2014, oFakazi ezindaweni ezihlukahlukene zaseRussia baye bamangalelwa ngamacala amanga ngenxa yokusakaza izincwadi zenkolo okuthiwa ziyingozi. OFakazi BakaJehova baseSamara banethemba lokuthi iNkantolo Ephakeme YaseRussia izobenzela ubulungisa kuleli cala.