Dlulela kokuphakathi

MEYI 3, 2018
ERUSSIA

Isikhalo SoFakazi Sichithiwe Ngakho Uhulumeni WaseRussia Usengayithatha Indawo Enesakhiwo Segatsha

Isikhalo SoFakazi Sichithiwe Ngakho Uhulumeni WaseRussia Usengayithatha Indawo Enesakhiwo Segatsha

NgoLwesine ngoMeyi 3, 2018, iNkantolo Yedolobha LaseSaint Petersburg isekele isinqumo esakhishwa ngoDisemba 2017 esivumela uhulumeni waseRussia ukuba adle indawo eyayiyisakhiwo segatsha eSolnechnoye.

Nakuba thina singeke sikwazi ukuvimba iRussia ekuthatheni izakhiwo, isinqumo esikhishwe namuhla siyingxenye yesicelo esivela koFakazi iNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu (i-ECHR) esasicubungula. I-ECHR yazise uhulumeni waseRussia ukuthi izolusukumela ngokushesha udaba lwethu.

Sizolinda uJehova, uNkulunkulu onobulungisa, ukuba alulungise lolu daba ngesikhathi sakhe.—Isaya 30:18.