Dlulela kokuphakathi

JULY 31, 2014
ERUSSIA

INkantolo YaseTaganrog Ibeka OFakazi BakaJehova Icala Ngenxa Yemisebenzi Yabo Yenkolo

INkantolo YaseTaganrog Ibeka OFakazi BakaJehova Icala Ngenxa Yemisebenzi Yabo Yenkolo

Ngo-July 30, 2014, iNkantolo yaseTaganrog yabeka icala futhi yagweba oFakazi abangu-7 kwabangu-16 ngenxa yokuya nokuhlela imihlangano yabo enokuthula. Bamangalelwa nje ngokwenza imisebenzi yenkolo eyenziwa oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. Lesi sigwebo sizobeka oFakazi BakaJehova engozini yokuba baphucwe inkululeko engokwenkolo kulo lonke elaseRussia.

Ijaji lalihlele ukumemezela isigwebo ngo-July 28, 2014, kodwa lasihlehlisela osukwini olulandelayo. Ngo-July 29, ijaji lafunda isinqumo esasingamakhasi angu-100 usuku lonke kwaze kwadlulela ku-July 30 ekuseni. Lagweba abadala bebandla abane iminyaka emihlanu kuya kwemihlanu nengxenye ejele futhi labahlawulisa imali engu-R29 900. Lahlawulisa nabanye oFakazi abathathu inhlawulo engu-R14 900 kuya ku-R18 100 umuntu ngamunye. Leli jaji lazihoxisa zonke izigwebo zenhlawulo ngenxa yokuthi uphenyo nokuqulwa kwecala kwadonsa isikhathi esingaphezu kwaleso esibekiwe, futhi wamisa nezigwebo zasejele. Amacala alaba abanye oFakazi abangu-9 esulwa.

Ijaji lasekela isinqumo salo esinqumweni esathathwa ngo-September 2009 eNkantolo YeSifundazwe SaseRostov sokuba kuvalwe iNhlangano Yenkolo YoFakazi BakaJehova eTaganrog. Nakuba isinqumo esakhishwa ngo-2009 sasithinta kuphela izindaba ezingokomthetho, ijaji lanquma ukuvimbela imisebenzi engokwenkolo yabo bonke oFakazi BakaJehova eTaganrog nasezifundeni ezingomakhelwane.

Phakathi naleli cala eladonsa izinyanga ezingu-15, labo ababemangalelwe bazisholo ngokwabo ukuthi ngeke baluphike ukholo lwabo nokuthi bazoqhubeka bekhonza njengoFakazi BakaJehova. Ngokuqondene nalabo abagwetshiwe, ukuzimisela kwabo ukuqhubeka nemisebenzi yabo yokukhulekela kusho ukuthi bangase baphinde bagwetshwelwe icala elifanayo.

UVictor Zhenkov, omunye wabameli kuleli cala, wathi: “Ngiyayesaba imiphumela lesi sinqumo esingaba nayo koFakazi BakaJehova eRussia. Izikhulu zezomthetho zaseTaganrog nezaseRussia zingase zisebenzise lesi sinqumo emkhankasweni wokubhebhethekisa ukuhlukunyezwa nokushushiswa koFakazi BakaJehova, zibabeka engozini yokuboshwa ngenxa nje yokwenza imisebenzi yabo engokwenkolo.”

OFakazi eTaganrog badlulisele leli cala eNkantolo YeSifundazwe SaseRostov.