Dlulela kokuphakathi

FEBRUARY 11, 2013
ERUSSIA

“Sesadlula Kudala Ku-1937”

“Sesadlula Kudala Ku-1937”

Ngomhla ka-16 April 2012, edolobheni lasePerm maphakathi neRussia, u-Aleksandr Solovyov, ongomunye woFakazi BakaJehova wahlawuliswa ama-ruble ayinkulungwane (ama-dollar ase-United States angaba ngu-260) ngenxa yokuhlela ‘umbuthano wenkolo ongekho emthethweni’ ehholo eliqashiwe.

Umahluleli wenkantolo yesifunda, wasishintsha isinqumo senkantolo encane ngemva kokulalela ngokucophelela bonke “ubufakazi” obabunikezwa ngokumelene noSolovyov, wathi angayikhokhi leyo mali.

Umahluleli wafunda isinqumo wabe esebheka uFakazi omangalelwe, wathi: “Ngisho noma izinqumo kwezomthetho zishintshashintsha futhi abanye abantu bebandlululwa, sesadlula kudala ku-1937 lapho sasivala khona amehlo senze sengathi asiwaboni amaqiniso. Kwangathi umphakathi wethu ungaqhubeka uziphatha kahle ngenxa yomsebenzi wokufundisa eniwenzayo.

Ngo-July 1937, uStalin umashiqela waseSoviet wakhipha uMthetho owawubizwa ngokuthi i-00447, owaqala isikhathi sokwesaba. Labo okwakucatshangwa ukuthi banemibono ephikisana nekahulumeni babeboshwa baquliswe amacala ngaphandle kobufakazi obuzwakalayo. Amarekhodi asemthethweni abonisa ukuthi amashumi ezinkulungwane zabantu athunyelwa amakamu okusebenza kwathi abangaphezu kuka-300 000 bagwetshelwa ukufa futhi babulawa.