Dlulela kokuphakathi

JULAYI 13, 2018
ERUSSIA

Kuyaqala Ngqa Ukuba Kuboshwe Indoda Kanye Nomkayo AbangoFakazi ERussia

Kuyaqala Ngqa Ukuba Kuboshwe Indoda Kanye Nomkayo AbangoFakazi ERussia

NgoJulayi 6 2018, iziphathimandla zaseRussia zibophe uSergey nomkakhe u-Anastasia Polyakov abangoFakazi, futhi zabagcina esitokisini kuze kufike usuku lokuthethwa kwecala labo. Kuyaqala ukuthi kube nodade oboshiwe eRussia selokhu iNkantolo Ephakeme yakhipha isinqumo sokuvala umsebenzi woFakazi BakaJehova kuleli zwe.

Inhlangano yaseMoscow ebizwa ngokuthi i-SOVA Center for Information and Analysis isho lokhu mayelana nokuboshwa kwalabo Fakazi: “Sikholelwa ukuthi lesi sinqumo kanye nokushushiswa koFakazi BakaJehova bebonke, asihambisani nomthetho futhi siwukucwasa ngokwenkolo.”

Kunabazalwane abangu-21 nodade oyedwa ababoshiwe eRussia ngenxa yokholo lwabo. Sithandazela ukuba babe nesibindi futhi siyazi ukuthi nguJehova kuphela uMsizi wabo.—Hebheru 13:6.