Dlulela kokuphakathi

JUNI 22, 2018
ERUSSIA

Izingxoxo: Odadewethu Abahlanu Bakhumbula Lokho Okwenzeka Lapho Amaphoyisa Ehlasela Endaweni Yase-Ufa ERussia

Izingxoxo: Odadewethu Abahlanu Bakhumbula Lokho Okwenzeka Lapho Amaphoyisa Ehlasela Endaweni Yase-Ufa ERussia

Ekuseni ngo-Ephreli 10, 2018, abaseshi kanye namaphoyisa, amanye awo ayezivale ubuso futhi ephethe izibhamu, bahlasela futhi basesha imizi eminingi yoFakazi BakaJehova e-Ufa, eyinhloko-dolobha yaseBashkortostan, eRussia. UMfoweth’ uAnatoliy (u-Tolya) Vilitkevich waboshwa futhi usagcinwe esitokisini. Odadewethu abahlanu base-Ufa, okuhlanganisa nenkosikazi kaTolya, u-Alyona, bakhuluma ngokuthi lokhu kuhlasela kwabathinta kanjani.