Dlulela kokuphakathi

JUNE 3, 2015
ERUSSIA

UMnyango Wezobulungisa Ubhalisa OFakazi BakaJehova EMoscow

UMnyango Wezobulungisa Ubhalisa OFakazi BakaJehova EMoscow

Ngo-May 27, 2015, uMnyango Wezobulungisa WaseRussia ubhalise inhlangano yoFakazi BakaJehova eMoscow. Lokhu kwenzeke ngemva kweminyaka ecishe ibe mihlanu iNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu (i-ECHR) yakhipha izwi elithi isinqumo senkantolo yaseMoscow sokuvala inhlangano engokomthetho yoFakazi sasingekho emthethweni.

Ngemva kweminyaka kusingathwa lolu daba, iNkantolo Yesifunda SaseGolovinsky eMoscow yanquma ukuvala inhlangano engokomthetho yoFakazi ngo-2004. Ngo-2010, i-ECHR yakhipha umyalo wokuthi iRussia mayilungise lesi simo ngokuphinde ibhalise le nhlangano futhi ikhokhe inhlawulo. Uhulumeni waseRussia wayikhokha inhlawulo kodwa yima iyibhalisa inhlangano.