Dlulela kokuphakathi

JULY 4, 2014
ERUSSIA

OFakazi BakaJehova Baquliswa Icala ETaganrog

OFakazi BakaJehova Baquliswa Icala ETaganrog

Ukuqulwa kwecala loFakazi BakaJehova abangu-16 eTaganrog, eRussia—manje eselidonse izinyanga ezingu-14—kuqhubeke kwaze kwaba u-July 2014. Njengoba kuqulwa icala, inkantolo ihlole “ubufakazi” obungaphezu kuka-60 obuhlanganisa ikakhulukazi izinkonzo eziqoshiwe, imithandazo nokufundwa kweBhayibheli—okuyizinkonzo ezifana nalezo eziqhutshwa oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke.

Ilungelo lenkululeko yokukhulekela lalabo abamangalelwe nabanye oFakazi abangu-800 eTaganrog lisengozini. Bonke oFakazi abangu-16 abamangalelwe bathe ngeke balulahle ukholo lwabo futhi bazoqhubeka bengoFakazi BakaJehova kungakhathaliseki ukuthi isiphi isinqumo esizothathwa inkantolo.

Le video iveza abanye babamangalelwa nabameli babo emizamweni yabo yokuvikela inkululeko yabamangalelwa yokukhulekela naphezu kokumangalelwa kwabo ngokungafanele ngokuthi bayizephulamthetho.