Dlulela kokuphakathi

APRIL 10, 2015
ERUSSIA

UFakazi WaseRussia Uthola Ama-euro Angu-6 000 Bese Ewabuyisela Kumnikazi Wawo

UFakazi WaseRussia Uthola Ama-euro Angu-6 000 Bese Ewabuyisela Kumnikazi Wawo

EST. PETERSBURG, eRussia—Ngo-November 2014, uSvetlana Nemchinova, omunye woFakazi BakaJehova, wathola imvilophu emgwaqweni enama-euro angu-6 000 (imali engaphezu kuka-R82 000). Ngemva kokuba esefune umniniyo isikhathi eside, wakwazi ukuyibuyisela kuye leyo mali. Lesi senzo sokungabi nabugovu sikaNksz. Nemchinova kwabikwa ngaso kuyithelevishini, emsakazweni nasezindabeni zakuyi-Internet eziningana.

UNksz. Nemchinova wenza umsebenzi wokuhlanza imigwaqo edolobheni laseVologda, eliqhele ngamakhilomitha angu-450 enyakatho-mpumalanga yeMoscow. Ngesikhathi esemsebenzini, wabona imvilophu engabhalwe lutho. Lapho eyivula wathola imali eningi. Nakuba uNksz. Nemchinova nezingane zakhe ezintathu behlala endlwaneni encane, uthi: “Angizange nhlobo ngicabange ukuyithatha le mali. Ngaso leso sikhathi ngacabanga ngomuntu emlahlekele nendlela okumelwe ukuba wayezizwa kabuhlungu ngayo.”

Emizamweni yakhe yokuthola umnikazi, uNksz. Nemchinova waqale wafaka isaziso ezakhiweni ezaziseduze. Lapho kungasabeli muntu wathatha leyo mali wayiyisa ebhange eliseduze, njengoba emvilophini eyayinemali kwakukhona nerisidi yalelo bhange. Ibhange laveza ukuthi leyo mali kwakungekaPavel Smirnov. Ngemva kwemizamo eminingi yokuxhumana noMnu. Smirnov, ibhange lamazisa ukuthi uNksz. Nemchinova uyitholile imali yakhe.

Isihloko esasakazwa ephephandabeni laseRussia i-Premier sathi: “USvetlana akaboni lutho olubabazekayo kulokho akwenzile. Ungumuntu othanda inkolo futhi ofunda iBhayibheli njalo.” UNksz. Nemchinova wabuye wachazela i-Premier ukuthi wenze lokho akwenzile ngoba esebenzisa lokho okuvame ukubizwa ngokuthi uMthetho Wegolide otholakala kuMathewu 7:12 othi: “Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.”

Umdwebi oyingcweti uPavel Smirnov ume noSvetlana Nemchinova ngemva kokuba ebuyise imali yakhe eyayilahlekile.

UMnu. Smirnov, ongumdwebi oyingcweti owasungula uhlobo lukapende olukhethekile, wayeqongelela imali ukuze athenge ithuluzi elithile elikhethekile ukuze aqhubeke nokucwaninga ngopende nodayi. Wathi: “Ngiswele amazwi engingawasho kuSvetlana. Ngemva kwalesi senzo sakhe, ngizwa ngiphinda ngibethemba abantu. Iyodwa nje into engingayisho: ‘UNkulunkulu ukhona!’”

Abezindaba:

Emhlabeni jikelele: uJ.R. Brown, Ihhovisi Lokwaziswa, ucingo +1 718 560 5000

AbaseRussia: uYaroslav Sivulskiy, ucingo +7 812 702 2691