NOVEMBA 23, 2018
ERUSSIA
Kusaqhubeka Ukuboshwa Nokugqunywa Emajele Kwabafowethu ERussia
Phakathi nenyanga ka-Okthoba 2018, amaphoyisa ahlasela imizi yoFakazi engaphezu kwengu-30 entshonalanga yeRussia. Kwaboshwa abazalwane abangu-6 nodadewethu ababilli, bagcinwe esitokisini kuze kuthethwe icala ababekwe lona lokwenza imisebenzi eyingozi emphakathini. Sebebonke abazalwane nodadewethu ababoshwe ngokungafanele bangu-25, abanye abangu-18 baboshelwe ezindlini.
Ngo-Okthoba 7, eSychyovka, eseSifundeni saseSmolensk—Amaphoyisa endawo ayezifihle ubuso asesha imizi emine yoFakazi, abopha odadewethu ababili uNataliya Sorokina oneminyaka engu-43 noMariya Troshina oneminyaka engu-41. Ezinsukwini ezimbili ngemva kokuboshwa kwabo, iNkantolo Yesifunda YaseLeninsky yakhipha isigwebo sokuba bagcinwe esitokisini kuze kube uNovemba 19, 2018. NgoNovemba 16, 2018, le Nkantolo yanezela ezinye izinyanga ezintathu, okwakusho ukuthi babezohlala kuze kube nguFebhuwari 19, 2019.
Ngo-Okthoba 9, eKirov, eseSifundeni saseKirov—Kwaseshwa imizi engaba ngu-19. Kwaboshwa abadala bebandla abahlanu, kamuva bagwetshwa ukuba bagcinwe esitokisini. Abane bangabaseRussia (uMaksim Khalturin, uVladimir Korobeynikov, u-Andrey Suvorkov, no-Evgeniy Suvorkov), oyedwa, u-Andrzej Oniszczuk, ungowasePoland. UMfoweth’ u-Oniszczuk ungumzalwane wesibili ongeyena owaseRussia oboshwe ngokungafanele ngenxa yezinkolelo zakhe, owokuqala kwakunguDennis Christensen waseDenmark.
Ngo-Okthoba 18, eDyurtyuli, eBashkortostan—Amaphoyisa ahlasela imizi engaba ngu-11 athatha imali, amakhadi asebhange, izincwadi ababebhalelwe zona, izithombe, amakhompyutha, ama-SIM card, namaselula. U-Anton Lemeshev, ongumdala webandla, waboshwa wagwetshwa ukuba ahlale esitokisini izinyanga ezimbili. Ngo-Okthoba 31, 2018, waphuma ejele waboshelwa endlini kuze kube namuhla.
Nakuba ukuhlaselwa kwemizi yabafowethu nodadewethu nokuthathwa kwezinto zabo kusaqhubeka, abayeki ukuthandazela labo abasemajele nokunikeza imindeni yabo usizo eludingayo. Kuze kube yilapho lesi simo silunga oFakazi emhlabeni wonke bayaqhubeka bethandazela abafowethu baseRussia abathembekile, baze bababize ngamagama.—Efesu 6:18.