Dlulela kokuphakathi

MARCH 3, 2014
ERUSSIA

Umbiko Wamuva: Imizamo Yokuvala I-JW.ORG Iyabhuntsha

Umbiko Wamuva: Imizamo Yokuvala I-JW.ORG Iyabhuntsha

EST. PETERSBURG, eRussia—OFakazi BakaJehova balinqobile icala lasenkantolo lango-January 22, 2014, ngesikhathi inkantolo okudluliselwa kuyo amacala ishintsha isinqumo senkantolo encane sokuvalwa kwe-jw.org, ingosi engokomthetho yoFakazi BakaJehova, kulo lonke elaseRussia.

INkantolo Yesifunda YaseTver yashintsha isinqumo sango-August 7, 2013 seNkantolo Yesifunda YaseTsentralniy. Le nkantolo yesifunda ithe inkantolo encane yenze ngokungenabulungisa ngokuvala le ngosi ngoba oFakazi BakaJehova, abanikazi bayo, abanikezwanga ithuba lokuzwa udaba nokuziphendulela. Umshushisi waseTver waluyisa enkantolo lolu daba ngoba izinkantolo zaseRussia zazithe i-jw.org inezincwadi “eziyingozi.” Ngokushesha lapho oFakazi BakaJehova bezwa ngesinqumo esithathwe yile nkantolo, bazikhipha lezi zincwadi ku-jw.org eRussia. INkantolo Yesifunda YaseTver yathola ukuthi oFakazi bayahambisana nemithetho yaseRussia yabe isishintsha isinqumo sokuvalwa kwengosi.

OFakazi BakaJehova bathintana nabezomthetho ngokuqondene nezinqumo ezithathwe izinkantolo zaseRussia ezithi ezinye zezincwadi zabo “ziyingozi” futhi sebefake izicelo ezimbalwa eNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu zokuba kushintshwe lezi zinqumo.

UGrigory Martynov, ongumkhulumeli woFakazi BakaJehova eRussia, uthi: “Kuyasijabulisa ukuthi amajaji ayakubona ukuba inzuzo kwengosi yethu nokuhlakanipha kwemizamo yethu yokwenza ngokuvumelana nezinqumo zenkantolo yaseRussia. Sizoqhubeka sizivikela izincwadi zethu ezifundisa iqiniso kanye namalungelo ezakhamuzi zaseRussia okuzuza ngokugcwele emsebenzini wethu wokufundisa ngeBhayibheli.”

“OFakazi emhlabeni wonke bajabule ngenxa yalesi sinqumo,” kusho uJ. R. Brown, ongumkhulumeli woFakazi endlunkulu yabo yomhlaba wonke. “Ngenxa yaso, zonke izakhamuzi zaseRussia zizoqhubeka zingena kule ngosi enhle kakhulu efundisa ngeBhayibheli.”

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Russia: Grigory Martynov, tel. +7 812 702 2691