JUNI 8, 2017
ERUSSIA
UMongamel’UPutin Uklomelisa OFakazi BakaJehova Ngokukhulisa Kahle Izingane
ENEW YORK—NgoMeyi 31, 2017, kube nomcimbi eMoscow eKremlin lapho umongameli waseRussia uVladimir Putin enikeza uValeriy noTatiana Novik baseKarelia abangoFakazi BakaJehova umklomelo we-Order of “Parental Glory,” okuwumklomelo wokufakwa eQenjini “Labazali Abanconywayo,” ngenxa yokuthi bakhulise izingane ezingu-8.
Leli Qembu “Labazali Abanconywayo” lasungulwa ngumongameli ngoMeyi 2008. Izwe laseRussia liwunika abazali abaye bakhulisa okungenani izingane ezingu-7 lo mklomelo. Kumelwe kube abazali abanakekele impilo nemfundo yezingane ngendlela ephawulekayo kuhlanganise nokukhathalela indlela ezikhula ngayo emzimbeni, ngokwengqondo nangokokuziphatha. Abazali abafakwa kuleli Qembu babhekwa njengezibonelo ezenza imindeni iqine.
UDavid A. Semonian, umkhulumeli woFakazi BakaJehova osendlunkulu yabo yomhlaba wonke, uthi: “Sibheka lo mklomelo njengendlela yokuvuma ukuthi imfundo yamahhala enikezwa oFakazi BakaJehova iyabasiza abazali nezingane zabo ukuba babe izakhamuzi eziwusizo, hhayi eRussia kuphela kodwa nasemhlabeni wonke. Sethemba ukuthi lo mklomelo owethulwe uMongameli uPutin uzokhunjulwa ngoJulayi 17, 2017, lapho iNkantolo Ephakeme ibhekisisa isinqumo sokuvala iSikhungo Sokuqondisa umsebenzi woFakazi BakaJehova eRussia.”
Abezindaba:
UDavid A. Semonian, Ihhovisi Lokwaziswa, +1-845-524-3000