Dlulela kokuphakathi

NOVEMBER 28, 2014
ERUSSIA

Icala Elidluliselwe ENkantolo Yesifunda YaseRostov—Ingabe INkantolo Izobakhipha Phambili Noma Izobagweba OFakazi BakaJehova?

Icala Elidluliselwe ENkantolo Yesifunda YaseRostov—Ingabe INkantolo Izobakhipha Phambili Noma Izobagweba OFakazi BakaJehova?

Ngo-December 11, 2014, iNkantolo Yesifunda YaseRostov izolalela icala lobugebengu elidluliselwe kuyo elibekwe oFakazi BakaJehova abangu-16 eTaganrog, eRussia. Bashushiselwa ukuhlela nokuya emihlanganweni yenkolo enokuthula.

Usizi loFakazi lwaqala ngo-2011, lapho iziphathimandla zendawo zipequlula imizi yabo futhi ziqopha ngokuyimfihlo imihlangano yabo yenkolo. Lokhu kwaholela ekutheni babekwe amacala obugebengu. Ngemva kokuqulwa kwecala eladonsa izinyanga ezingu-15, iNkantolo Yedolobha YaseTaganrog yalahla ngecala oFakazi abangu-7 ngo-July 30, 2014. Ijaji labahlawulisa kanzima futhi lagweba abane kubo isikhathi eside bebhadle ejele, kodwa ngokushesha layihoxisa leyo nhlawulo nezigwebo. Labathola bengenacala laba abanye oFakazi abangu-9 ngezizathu ezithile, kodwa lakusekela ukuthi babehlanganyele emsebenzini oyingozi. Bonke lab’oFakazi abangu-16 balidlulisile icala, becela ukuba asulwe wonke amacala obugebengu ababekwe wona.

Umshushisi naye ulidlulisile icala. Ufuna ukuba iNkantolo Yesifunda YaseRostov igwebe oFakazi abane, abayizikhonzi zenkolo, futhi ibagqume esitokisini ngemva kokulalelwa kwecala. Ufuna nokuba inkantolo ishintshe isinqumo sayo ngoFakazi abangu-9 abatholwe bengenacala futhi ibathole benecala lokuhlanganyela emsebenzini okuthiwa uyingozi.

UVasiliy Kalin, okhulumela iSikhungo Sokuqondisa SoFakazi BakaJehova eRussia, wathi: “Ngithemba ukuthi iNkantolo Yesifunda YaseRostov izokubona ukungaphathwa ngobulungisa okukhuthazelelwe izisulu zokucindezelwa ngokwenkolo ezingu-16 futhi isule amacala obugebengu ezibekwe wona.”