Dlulela kokuphakathi

JULY 2, 2015
ERWANDA

INkantolo YaseRwanda Ilahla Ukucwasa Ngokwenkolo

INkantolo YaseRwanda Ilahla Ukucwasa Ngokwenkolo

Inkantolo yasesifundeni saseKarongi eRwanda isekele ilungelo lenkululeko engokwenkolo labafundi abangu-8 abangoFakazi BakaJehova. Inkinga bekuwukwenqaba kwabo ukuba nengxenye emakilasini enkolo ngenxa kanembeza wabo.

Izikole eziningi eRwanda zixhaswa amasonto. Ezinye zalezi zikole zifuna ukuba abafundi babe khona ezinkonzweni zenkolo futhi bakhokhe izintela zesonto. Ngenxa yokuthi abafundi abangoFakazi BakaJehova bayakwenqaba lokho, iziphathimandla zesikole zaxosha abangu-160 phakathi kuka-2008 no-2014. Nakuba le ndaba ethinta izwe lonke isadingidwa, icala laseKarongi, isiFundazwe esiseNtshonalanga, libonisa ukuthi iziphathimandla zaseRwanda ziyakwazi ukusingatha amacala okucwasa ngokwenkolo ngokuphumelelayo.

Abafundi Baxoshwa Ngenxa Yokucwasa Ngokwenkolo

Ngo-May 12, 2014, abaphathi besikole baxosha abafundi abangoFakazi abangu-8, abaneminyaka ephakathi kuka-13 no-20, * esikoleni iGroupe Scolaire Musango eKarongi ngoba benqaba ukuhlanganyela ezinkonzweni zesonto. Lapho bexoshwa, abazali babo babikela uMabhalane Omkhulu Wesigceme SaseRwankuba, owayala ukuba laba bafundi abangoFakazi babuyiselwe esikoleni. Abaphathi besikole abanelisekanga ngaleso sinqumo ngakho babe sebeshintsha bathi laba bafundi badelele iculo lesizwe ngokwenqaba ukulicula. Ngo-June 4, 2014, ngemva nje kwezinsuku ezimbili abafundi bebuyiselwe, kwafika amaphoyisa esikoleni ababopha.

Amaphoyisa agquma laba bafundi ejele izinsuku eziyisithupha. Abesabisa futhi abathuka aze ashaya ababili abadadlana ethi yibo abangobhongoza. Naphezu kwalokhu kuhlukunyezwa, bonke laba bafundi abangu-8 benqaba ukuyekethisa ezinkolelweni zabo.

Inkantolo Ikhipha Phambili Izingane Zesikole

Ngo-June 9, 2014, amaphoyisa adedela abangu-7 kulaba bafundi futhi umshushisi wamkhipha ecaleni omncane kunabo bonke. Nokho, amaphoyisa aqhubeka emgqume ejele umfundi omdala kunabo bonke ezinye izinsuku ezingu-9. Ijaji labe seliyala ukuba akhululwe isikhashana ngaphansi kokuqashwa, kuze kube yilapho kuqulwa icala ngo-October 14, 2014.

Ekuqulweni kwecala, ijaji laphonsa ngamunye imibuzo. Ekhulumela abanye, omunye wabafundi wachazela ijaji ukuthi isizathu sangempela esenza baxoshwa esikoleni kwakungekhona ukwenqaba ukucula iculo lesizwe kodwa ukwenqaba ukukhokha izintela zesonto nokuya ezinkonzweni zenkolo eziqhutshwa esikoleni.

Ijaji labe selicela umshushisi ukuba aveze obunye ubufakazi obenza kwavulwa icala “lokudelela iculo lesizwe.” Lapho umshushisi ecindezela abafundi ukuba bachaze, abafundi baqinisekisa ukuthi akukho abakwenza okubonisa ukuthi babedelela lapho abanye abafundi becula iculo lesizwe.

Esinqumweni esibhaliwe esakhishwa ngo-November 28, 2014, iNkantolo Emaphakathi YaseKarongi yakhipha isinqumo esithi ukungaliculi iculo lesizwe “akufanele kubhekwe njengesenzo sokulihlazisa noma sokulidelela.” Isinqumo senkantolo sasekela umthetho, sakhipha phambili izingane, futhi singasiza ekuqedeni ukucwasa okungokwenkolo ezikoleni zaseRwanda.

Isicelo Sokuhlonipha Amalungelo Ayisisekelo

OFakazi BakaJehova eRwanda bayajabula ngokuthi kuhambe kahle ngale ndlela ecaleni labafundi baseGroupe Scolaire Musango. Nokho, kwezinye izimo, izingane ezingoFakazi ezixoshwa ezikoleni ngenxa yezinkolelo zazo ziyaphoqeleka ukuba zishintshe izikole. Ezinye izingane ziyayeka ukufunda ngenxa yokuthi okuwukuphela kwendlela yokuqhubeka nokufunda ukuya ezikoleni ezingezona ezikahulumeni, ezibiza kakhulu ukuba imindeni yazo ingakwazi ukuzikhokhela.

Abazali abangoFakazi bafunela izingane zabo amathuba emfundo afana nawezinye izingane. Bafuna izingane zabo zibe namakhono ezingaziphilisa ngawo futhi zikwazi ukuzimela emphakathini. OFakazi BakaJehova bathemba ukuthi lesi sinqumo esihle senkantolo eKarongi sizokhuthaza zonke izikole zaseRwanda ukuba zihloniphe ilungelo lezingane lokuba nenkululeko engokwenkolo neyokusebenzisa unembeza.

^ isig. 5 ERwanda, iminyaka yokuvuthwa ngu-21 (ISiphakamiso 360 Somthetho Wezomphakathi).