Dlulela kokuphakathi

ESINGAPORE

Baboshelwe Ukholo Lwabo

Baboshelwe Ukholo Lwabo

Uhulumeni waseSingapore ubopha oFakazi BakaJehova abasebasha ngenxa yokwenqaba ukwenza umsebenzi wasebusosheni ngesizathu sikanembeza. Izinsizwa ezingoFakazi BakaJehova ezenqaba ubusosha ngenxa kanembeza zinikezwa izigwebo ezimbili ezilandelanayo ezingagcina zifinyelele ezinyangeni ezingu-39 ziboshiwe.

Lapho insizwa enguFakazi iba neminyaka engu-18 ubudala, umthetho wezempi uyala ukuba ibhalisele ubusosha. Uma yenqaba, iboshwa izinyanga ezingagcina zifinyelele kwezingu-15 enkanjini yamasosha. Lapho isigwebo siphela iyadedelwa bese ngokushesha nje ngemva kwalokho iyalwa ukuba igqoke umfaniswano wamasosha futhi ihlanganyele ekuqeqeshelweni ubusosha. Uma iphinde yenqaba, kufanele ivele okwesibili enkantolo bese igwetshwa izinyanga ezingagcina zifinyelele kwezingu-24.

ISingapore Iyasenqaba Isiqondiso Se-UN

Sekuyisikhathi eside iZizwe Ezihlangene zinxusa amaZwe angamalungu ale nhlangano ukuba “amukele ukuthi ukwenqaba ubusosha ngenxa kanembeza, kufanele kubhekwe njengokusetshenziswa okufanele kwelungelo lenkululeko yokucabanga, elikanembeza nelenkolo, elihambisana neSimemezelo Somhlaba Wonke Samalungelo Abantu.” Nakuba iSingapore ibilokhu iyilungu lale nhlangano kusukela ngo-1965, iye yazwakalisa ukungavumelani kwayo neZizwe Ezihlangene kule ndaba. Encwadini yangomhlaka-April 24, 2002, eyayibhalelwe iThimba LeZizwe Ezihlangene Lamalungelo Abantu, isikhulu sikahulumeni waseSingapore sathi “lapho izinkolelo noma izenzo zomuntu zingqubuzana [nelungelo lezwe lezokuvikela], ilungelo lezwe lokuvikela kumelwe lize kuqala.” Lesi sikhulu sabhala ngokungagunci sathi, “Asikwamukeli ukuthi indaba yokwenqaba ngenxa kanembeza ukungenela ubusosha kufanele isebenze kuwo wonke amazwe.”

Izikhathi zenzakalo

  1. March 16, 2018

    Ingqikithi yoFakazi BakaJehova abangu-8 isejele ngoba inqabe ubusosha ngenxa kanembeza.

  2. November 2013

    OFakazi abangu-18 basejele ngenxa yokwenqaba ukwenza umsebenzi wezempi ngesizathu sikanembeza.

  3. April 24, 2002

    Isikhulu sikahulumeni siyaqinisekisa ukuthi iSingapore ayihambisani nokuba komuntu nelungelo lokwenqaba ngenxa kanembeza.

  4. February 1995

    Kuyanda ukucindezelwa nokuboshwa kwezakhamuzi zaseSingapore ezingoFakazi BakaJehova.

  5. August 8, 1994

    INkantolo Ephakeme yaseSingapore ichitha isicelo soFakazi.

  6. January 12, 1972

    Uhulumeni waseSingapore ubesula ngokusemthethweni oFakazi BakaJehova njengenkolo.