AGASTI 28, 2020
ESOUTH KOREA
Imvula Engakaze Ibonwe Icekele Phansi ISouth Korea
Indawo
ESouth Korea
Inhlekelele
IKorea ihlaselwe inkathi yemvula ehambisana nomoya ebe yinde kakhulu kwezake zaba khona
Le mvula engapheli idale izikhukhula nokubhidlika komhlabathi okubi (landslide)
Indlela Abafowethu Nodadewethu Abathinteke Ngayo
Abamemezeli abangu-16 kudingeke bashiye amakhaya abo okwesikhashana
Ukulimala kwezakhiwo
Kulimale imizi engu-30
Kulimale amaHholo OMbuso angu-19
Imizamo Yokunikeza Usizo
Igatsha laseKorea limise amaKomiti Okunikeza Osizo (DRCs) amathathu
La makomiti nababonisi bezigodi ezithintekile basebenzisana nabadala bamabandla endawo ukuze basize abafowethu nodadewethu
Ukuhlanzwa nokulungiswa kwemizi elimele namaHholo OMbuso kuyaqhubeka
Okwenzeka
Edolobheni laseGurye, enye yezindawo ezithinteke kakhulu, uMfoweth’ uMin-seong Lee nomkakhe kwadingeka bashiye umuzi wabo nayo yonke impahla yabo. Umuzi wabo wonke wagcwala amanzi. Kuthe lapho sekuphephile ukuba kunikezwe usizo, abamelela iKomiti Yokunikeza Usizo bahlanza umuzi wabakwaLee, babanika izinto eziyisidingo. Abafowethu abakhonza kuleli komiti babaduduza, babakhuthaza nangemiBhalo abakwaLee. Ekhuluma ngosizo abaluthola benomyeni wakhe, uDade Lee wathi: “Ngiyabonga kakhulu ngosizo abasinika lona. Konke abasenzela kona kwakumangalisa ngempela. Babesebenza sengathi basebenza emizini yabo. Kuyiqiniso ukuthi kuningi okungilahlekele, kodwa eqinisweni ngithole okungaphezu kwalokho okungilahlekele.”
Siyajabula ngokuthi uJehova, “uNkulunkulu wenduduzo yonke,” uyaqhubeka enakekela abafowethu nodadewethu eKorea phakathi nalesi sikhathi esinzima.—2 Korinte 1:3, 4.