Dlulela kokuphakathi

FEBRUARY 19, 2015
ESOUTH KOREA

INingizimu Korea Inecala Lokubopha Ngokungenasisekelo Abenqaba Ubusosha Ngenxa Kanembeza

INingizimu Korea Inecala Lokubopha Ngokungenasisekelo Abenqaba Ubusosha Ngenxa Kanembeza

IKomiti Yamalungelo Abantu YeZizwe Ezihlangene igxeke uhulumeni waseNingizimu Korea ngokubopha ngokungenasisekelo labo abenqaba ubusosha ngenxa kanembeza nangokungahloniphi ilungelo labo lenkululeko kanembeza. Lesi isinqumo sesihlanu iKomiti esikhiphile ngokumelene neNingizimu Korea ngokubopha kwayo labo abenqaba ubusosha ngenxa kanembeza, kodwa kungokokuqala ithola ukuboshwa kwabo “kungenasisekelo.” *

Ezinqumweni ezine ezidlule ezihilela abenqaba ubusosha ngenxa kanembeza abangu-501, iKomiti yathola ukuthi iNingizimu Korea ayiyihloniphanga inkululeko yokucabanga, ekanembeza neyenkolo eqinisekiswa yiSiphakamiso 18 seSivumelwano Somhlaba Wonke Samalungelo Abantu Emphakathini Nakwezombusazwe (ICCPR). Lesi sinqumo samuva, esathathwa ngo-October 15, 2014, futhi samenyezelwa ngo-January 14, 2015, esihilela izinsizwa ezingu-50 ezingoFakazi, * asigcinanga lapho. IKomiti yathola ukuthi ngokujezisa lezi zinsizwa ngokuzibopha ngenxa yokusebenzisa ilungelo lazo eliyisisekelo, uhulumeni waphula neSiphakamiso 9 se-ICCPR, esenqabela ukubopha ngokungenasisekelo nesiqinisekisa ilungelo lokuthola isinxephezelo. IKomiti yathi inkulumo ethi “‘ngokungenasisekelo’ . . . kumelwe ibe nencazelo ebanzi ehlanganisa nezinto ezifana nokungafaneleki [kanye] nokungabi nabulungisa.” Yaphetha ngokuthi akunasisekelo “ukujezisa umuntu ngokumbopha ngoba esebenzisa ngokufanele inkululeko yakhe engokwenkolo nekanembeza eqinisekiswa isiphakamiso 18 seSivumelwano.”

Isibopho Sokuxazulula Le Nkinga

Esinqumweni sayo, iKomiti yayala uhulumeni waseNingizimu Korea ukuba wesule amarekhodi amacala ayebekwe oFakazi abangu-50 bese ubanika isinxephezelo esifanele. Yaqhubeka yathi uhulumeni “ubophekile ukuba . . . [aphasise] umthetho-sisekelo oqinisekisa ilungelo lokwenqaba ubusosha ngenxa kanembeza.” Zingakapheli izinsuku ezingu-180 kukhishwe isinqumo, iNingizimu Korea kulindeleke ukuba “isho izinyathelo ezithathile ukuze yenze ngokuvumelana nale Mibono.”

INingizimu Korea ibilokhu yenqaba ukwenza izinhlelo zenkonzo ehlukile ngoba ithi kubeka ezokuphepha zalelo zwe engcupheni futhi akukho ukuvumelana ezweni lonke ngale ndaba. Ngokwesihlanu, iKomiti izichithile izizathu zikahulumeni kule ndaba, ibhekisela eMibonweni yayo yangaphambili eyayiveza ngo-2006. Kuleyo Mibono, iKomiti yathi iNingizimu Korea “yayehlulekile ukubonisa ukuthi yiziphi ngempela izinkinga ezingaba khona uma amalungelo okwenqaba ubusosha ngenxa kanembeza ehlonishwa ngokugcwele.” Endabeni yomphakathi onobunye nokuphathana ngobulungisa, iKomiti yaphawula ukuthi “ukuhlonipha kukahulumeni izinkolelo ezithinta unembeza nokwenza ngokuvumelana nazo, kubalulekile ekuqinisekiseni umphakathi obumbene nobekezelelanayo.” Ngakho iKomiti ayigudluki ekutheni iNingizimu Korea ayinaso isizathu esifanele sokubopha labo abenqaba ubusosha ngenxa kanembeza.

Ngokubopha ngokungafanele labo abenqaba ubusosha ngenxa kanembeza, iNingizimu Korea ichezuke ngokuphelele emthethweni nasemikhubeni eqondisa izizwe zomhlaba kule ndaba.

Nakuba iNingizimu Korea yasayina i-ICCPR ngo-1990, ibilokhu yenqaba ukuhlonipha izibopho ezikulesi sivumelwano ezithinta indaba yalabo abenqaba ubusosha ngenxa kanembeza. Empeleni, iziphathimandla zaseKorea ziyaqhubeka zibopha amakhulu oFakazi abasebasha unyaka nonyaka. IKomiti Yamalungelo Abantu YeZizwe Ezihlangene ibilokhu ibakhulumela labo abenqaba ubusosha ngenxa kanembeza eNingizimu Korea. Kuyobonakala ngokuhamba kwesikhathi ukuthi uhulumeni uyosabela yini ekucindezeleni okukhulayo okuthola emazweni omhlaba ngokuthi uyeke ukubopha abantu ngokungenasisekelo futhi uphasise umthetho-sisekelo ohlonipha onembeza bezakhamuzi zawo.

^ isig. 2 Bheka i-CCPR Communication No. 2179/2012, Young-kwan Kim et al. v. Republic of Korea, iMibono eyamukelwa ngo-October 15, 2014, isig. 7.5.

^ isig. 3 Esithombeni esingenhla, izinsizwa ezingu-30 kwezingu-50 ezingoFakazi zimi phambi kweNkantolo Ephakeme ENingizimu Korea, lapho zazifake khona isikhalo okokuqala.