Dlulela kokuphakathi

ESOUTH KOREA

Amanqampunqampu NgeNingizimu Korea

Amanqampunqampu NgeNingizimu Korea

Sekuyiminyaka engaphezu kweyikhulu oFakazi BakaJehova bekhona eKorea, futhi bekwazi ukwenza imisebenzi ephathelene nenkolo yabo ngokukhululekile. Inkinga enkulu oFakazi baseNingizimu Korea ababhekene nayo, ukuhlukunyezwa okuqhubekayo okuvela kuhulumeni ngenxa yokunqaba ukwenza imisebenzi ephathelene nempi.

INingizimu Korea ayikubheki ukunqaba ukuya empini njengelungelo izakhamuzi ezinalo, yingakho ingenalo ilungiselelo lemisebenzi okungakhethwa kuyo uma umuntu engakhululekile ukusebenza kwezempi. Ngenxa yalokho, izinsizwa ezingoFakazi ngokuvamile zichitha izinyanga ezingu-18 emajele ngenxa yokuthi azikwazi ukwenza imisebenzi ehlobene nobusosha ngenxa yezinkolelo zazo. Bangu-40 kuya ku-50 oFakazi besilisa ababoshwayo inyanga ngayinye. Ukuboshwa kwabo kuyabalimaza ngoba lapho bephuma ejele basuke sebebhaliswe njengezaphulamthetho. Lokho kwenza kungabe kusaba lula ngabo ukuthola umsebenzi, kanti abanye bakhishwa inyumbazane emphakathini.

Enye inkinga ukuthi labo abake bayenza inkonzo yobusosha ephoqelelwe isikhathi esithile ngaphambili, babhaliswa ohlwini lwabantu abangabizwa uma kushoda izisebenzi zasebusosheni. Lokhu kuba yinkinga kulabo abasuke sebamukele izimfundiso zeBhayibheli bafunda ukubaluleka kokuthanda umakhelwane nombono kaNkulunkulu ngempi. Ngenxa yokuthi basuke besabhalisiwe emnyangweni wezempi, ukunqaba kwabo ukuya ebusosheni lapho bebizwa kwenza ukuba balokhu beboshwa futhi behlawuliswa ngokuphindaphindiwe.

IKomiti Yamalungelo Abantu Yezizwe Ezihlangene isikhiphe izinqumo ezingaphezu kuka-500 ezilahla iNingizimu Korea ngokwephula amalungelo ezakhamuzi ezikhetha ukungayi empini ngezizathu zikanembeza. Ilahle iNingizimu Korea ngokubopha labo abanqaba ukusebenza ebusosheni “ngaphandle kobufakazi becala.” Iveze nokuthi iNingizimu Korea “ingaphansi kwesibopho sokugwema amacala afana nalawa” esikhathini esizayo. Ukuxazululwa kwale nkinga kungabonisa ukuthi iNingizimu Korea iyawahlonipha amalungelo abantu angokwenkolo nathinta unembeza.