Dlulela kokuphakathi

AGASTI 30, 2018
ESOUTH KOREA

INkantolo Ephakeme YaseNingizimu Korea Ilalela Inkulumo-mpikiswano Ephathelene Nokuboshwa Kwabantu Abenqaba Ukusebenza Kwezempi Ngezizathu Ezingokwenkolo

INkantolo Ephakeme YaseNingizimu Korea Ilalela Inkulumo-mpikiswano Ephathelene Nokuboshwa Kwabantu Abenqaba Ukusebenza Kwezempi Ngezizathu Ezingokwenkolo

NgoLwesine, ngo-Agasti 30, 2018, amajaji angu-13 ahlangane eNkantolo Ephakeme YaseNingizimu Korea ukuze adingide amacala oFakazi BakaJehova abathathu, ababeboshwe ngenxa yokwenqaba ukuyosebenza kwezempi ngenxa yezizathu ezithinta unembeza. Ecabangela amaphuzu avezwe kuyinkulumo-mpikiswano mayelana nokuboshwa kwabantu abangathandi ukusebenza kwezempi ngenxa kanembeza osekuqhubeke iminyaka eKorea, kuphele amahora amane la majaji angu-13 epheka abameli boFakazi ngemibuzo. La majaji axoxe kabanzi ngesinqumo esibalulekile esakhishwa iNkantolo YoMthetho-sisekelo ngoJuni 28, 2018, esasibophezela izishayamthetho zaseKorea ukuba zifake uhlu lwemisebenzi izakhamuzi ezingakhetha kuyo uma zizizwa zingakhululekile ukuyosebenza kwezempi, esikhundleni sokuzibopha njengezaphulamthetho. Abameli bacele ukuba inkantolo iwasule amacala ayebekwe la bafowethu abathathu. Lesi sinqumo sizobekela nezinkantolo ezincane isibonelo, njengoba zinamacala afanayo angaphezu kuka-900 asalinde ukuqulwa. Manje sekusezandleni zeNkantolo Ephakeme ukukhipha isinqumo kula macala abafowethu abathathu.

Sonke, kuhlanganise nabafowethu abathembekile abangaphezu kuka-100 abasaboshiwe, siyaqhubeka silinde ngokholo uNkulunkulu wensindiso yethu.—Mika 7:7.