Dlulela kokuphakathi

FEBRUARY 14, 2014
ESOUTH KOREA

Inhlolo-vo YeGallup Ibonisa Ushintsho Embonweni Wokwenqaba Ukuya Empini Ngenxa Kanembeza ENingizimu Korea

Inhlolo-vo YeGallup Ibonisa Ushintsho Embonweni Wokwenqaba Ukuya Empini Ngenxa Kanembeza ENingizimu Korea

ESEOUL, eKorea—Ngokwenhlolo-vo yeGallup esanda kwenziwa, kunenani elandayo labantu baseKorea abasekela uhulumeni ngokunikeza labo abenqaba ngenxa kanembeza ukuya empini imvume yokwenza inkonzo ehlukile. Kusukela ngo-November 4-7, 2013, abesilisa nabesifazane abangu-1 211 eKorea benze le nhlolo-vo, kwatholakala ukuthi amaphesenti angu-68 abantu asekela ukuba khona kwenkonzo ehlukile kunokuba labo abenqaba ngenxa kanembeza baboshwe. Lezi zibalo zibonisa ushintsho olukhulu embonweni womphakathi, ngoba inhlolo-vo eyenziwa ngo-2008 yaveza ukuthi kwakunamaphesenti angu-29 kuphela ayesekela inkonzo ehlukile.

Kubonakala sengathi abathile kwezomthetho eKorea nabo basekela ukuba khona kwenye inkonzo kunokuba labo abenqaba ngenxa kanembeza baboshwe. Encwadini yakhe ethi “Dilemma Surrounding Conscientious Objection to Military Service,” uHan In-seop, uprofesa waseSeoul National University, School of Law, wathi: “Alikho nelilodwa ijaji elingathi laba abenqaba ukuya empini bayizephula-mthetho. Abenqaba ngenxa kanembeza abakhishelwa ngisho nomthetho wokuba bavalelwe ngoba akekho okhathazeka ngokuthi bazobaleka. Njalo lapho kuqulwa icala lomuntu onjalo, amajaji aphatheka kabi futhi amzwele ubuhlungu.”

Le ndaba ethinta amalungelo abantu kusanda kukhulunywa ngayo kuyifilimu ekhishwe iNational Human Rights Commission of Korea. Kule filimu kunesigcawu esithi “Ice River (uMfula Oyiqhwa),” esiveza omunye woFakazi BakaJehova enqaba ukuya empini. Umqondisi wale filimu wathi unqume ukwenza le filimu ngemva kokuthola ukuthi oFakazi abaningi bayaboshwa ngenxa yokwenqaba ngenxa kanembeza ukuya empini unyaka nonyaka. Ngokombiko we-United Nations Human Rights Council okhishwe ngo-June 2013, amaphesenti angu-93 oFakazi ababoshelwe ukwenqaba ngenxa kanembeza ukuya empini emhlabeni wonke baboshwe eNingizimu Korea.

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Republic of Korea: Dae-il Hong, tel. +82 31 690 0055