Dlulela kokuphakathi

INkantolo YoMthetho-sisekelo yaseNingizimu Korea ngosuku eyakhipha ngalo isinqumo esiyingqopha-mlando.

JULAYI 13, 2018
ESOUTH KOREA

Ukubhekelela Labo Abangakwazi Ukusebenza Kwezempi Ngenxa Yezizathu Zikanembeza: Isinqumo SeNkantolo YoMthetho-sisekelo YaseNingizimu Korea Esekunesikhathi Silindiwe

Ukubhekelela Labo Abangakwazi Ukusebenza Kwezempi Ngenxa Yezizathu Zikanembeza: Isinqumo SeNkantolo YoMthetho-sisekelo YaseNingizimu Korea Esekunesikhathi Silindiwe

Sekuphele iminyaka engu-65 izinsizwa ezingamaKristu eNingizimu Korea ziboshwa ngenxa yokwenqaba ukusebenza kwezempi ngoba unembeza wazo ungazivumeli. Nokho izinto zashintsha ngoLwesine ngoJuni 28, 2018, lapho iNkantolo Yomthetho-sisekelo ikhipha isinqumo esiyingqophamlando sokuthi isigaba 1 seSahluko 5 soMthetho Wezempi, siyangqubuzana noMthetho-sisekelo wezwe ngoba uhulumeni akanalo olunye uhlelo lweminye imisebenzi engenziwa yilabo abangakhululekile ukusebenza kwezempi.

Izintatheli zimi ngaphandle kweNkantolo YoMthetho-sisekelo. Abezindaba bakwamanye amazwe, babelulandela ngokuzimisela lolu daba.

Leli cala lalidingidwa iqembu lamajaji angu-9 elaliholwa iJaji Elikhulu, uLee Jin-sung, futhi kwakhishwa isinqumo esasekelwa amajaji angu-6. Lokhu kusho ukuthi imithetho yaseNingizimu Korea isihambisana neyakwamanye amazwe endabeni yokuhlonipha amalungelo ezakhamuzi okuzenzela izinqumo ezisekelwe kunembeza, nokuzinqumela ezindabeni eziphathelene nenkolo.

Abameleli boFakazi BakaJehova eKorea baseNkantolo YoMthetho-sisekelo, ngaphambi kokukhishwa kwesinqumo.

Inani labantu ababeboshwa unyaka ngamunye eNingizimu Korea ngenxa yokwenqaba ukuya empini, beliwadlula amanani ahlangene alabo ababoshwa kwamanye amazwe ngezizathu ezifanayo. Kunesikhathi lapho kwakuboshwa khona abazalwane abangaba ngu-500 kuya ku-600 unyaka ngamunye. Lapho bekhululwa emajele babebhekana nezinkinga eziningi ezihlanganisa nobunzima bokuthola umsebenzi ngenxa yokuthi babesuke sebebhaliswe njengezaphula-mthetho.

Nokho, kusukela ngo-2011, abanye abazalwane bafaka izikhalo eNkantolo YoMthetho-sisekelo ngenxa yokuthi uhulumeni wayengenalo ilungiselelo leminye imisebenzi ababengakhetha kuyo esikhundleni sokuya empini. Ngo-2012, amanye amajaji ayengahambisani nokuboshwa kwabantu ababenqaba ukuya empini ngenxa yezizathu zikanembeza, anquma ukudlulisela la macala eNkantolo YoMthetho-sisekelo ukuze kubukezwe uMthetho Wezempi.

Ngaphandle kweNkantolo izintatheli zixoxa noHong Dae-il, okhulumela oFakazi BakaJehova eKorea, ngemva kokukhishwa kwesinqumo

Umsebenzi weNkantolo YoMthetho-sisekelo uwukubheka ukuthi umthetho othile uyavumelana yini noMthetho-sisekelo waseKorea. Ngemva kokuvuna uMthetho Wezempi kwaze kwaba kabili (ngo-2004 nango-2011), iNkantolo YoMthetho-sisekelo igcine ivumile ukuba lo mthetho ushintshwe. Le Nkantolo iyale uhulumeni waseNingizimu Korea ukuba ushintshe umthetho ufake uhlu lweminye imisebenzi engenziwa yilabo abenqaba ukusebenza kwezempi, nokuba lolu shintsho lwenziwe ungakapheli unyaka ka-2019. Imisebenzi okungakhethwa kuyo kufanele kube imisebenzi yokusiza umphakathi kodwa engeyona ingxenye yombutho wezempi, njengokusiza ezibhedlela zomphakathi.

Ukuze asisize siqonde ukuthi lesi sinqumo sisho ukuthini, uMfoweth’ uHong Dae-il, ongumkhulumeli woFakazi BakaJehova eKorea uthi: “INkantolo YoMthetho-sisekelo eyiNkantolo enamandla kunazo zonke ekuvikeleni amalungelo abantu, isibeke isisekelo sokulungisa le nkinga. Abafowethu bazokujabulela kakhulu ukusiza umphakathi ngezindlela ezingangqubuzani nonembeza babo futhi ezihambisana nalokho okwenziwa kwamanye amazwe.”

Kusenezinye izindaba ezibalulekile okusafanele zicatshangelwe, njengodaba loFakazi abangu-192 abasaboshiwe namanje, namanye amacala angaba ngu-900 asadingidwa ezinkantolo ezihlukahlukene.

Njengoba iNkantolo YoMthetho-sisekelo seyenze lesi sinqumo, maningi amathuba okuba iNkantolo Ephakeme ivumele abantu ukuba benqabe ukusebenza kwezempi. Ukuthi amacala anjalo azosingathwa kanjani, kuzoya ngesinqumo esizokhishwa yiwo wonke amajaji eNkantolo Ephakeme.

Kulindeleke ukuba iNkantolo Ephakeme idingide lolu daba ngo-Agasti 30, 2018, bese ikhipha isinqumo ngokuhamba kwesikhathi. Kuzobe kungokokuqala eminyakeni engu-14 ukuba wonke amajaji eNkantolo Ephakeme ahlole kabusha udaba lokwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza.

Okwamanje, iSigungu Sikazwelonke esiyisishaya-mthetho saseKorea, sesiqalile ukuhlela kabusha uMthetho Wezempi.

UMfowethu uMark Sanderson weNdikimba Ebusayo uthi: “Silangazelela ukuzwa isinqumo seNkantolo Ephakeme. Abafowethu baseKorea bavuma ukulahlekelwa inkululeko yabo ngoba babazi ukuthi ‘uma othile, ngenxa kanembeza kuNkulunkulu, ebekezela ngaphansi kwezinto ezibanga usizi futhi ehlupheka ngokungafanele, lokhu kuyinto enhle.’ (1 Petru 2:19) Siyajabula ngokuthi inkantolo isivumile ukuthi abafowethu bebephathwa kabi, yaphawula nesibindi abasibonisile ekulweleni lokho abakukholelwayo.”