Dlulela kokuphakathi

JUNI 28, 2018
ESOUTH KOREA

Isinqumo SeNkantolo Yomthetho-sisekelo YaseKorea Esiyingqopha-mlando: Ukuntuleka Kwemisebenzi Yalabo Abakhetha Ukungayi Empini Akuhambisani Nomthetho-sisekelo

Isinqumo SeNkantolo Yomthetho-sisekelo YaseKorea Esiyingqopha-mlando: Ukuntuleka Kwemisebenzi Yalabo Abakhetha Ukungayi Empini Akuhambisani Nomthetho-sisekelo

NgoJuni 28, 2018, iNkantolo Yomthetho-sisekelo yaseNingizimu Korea yaqopha umlando kuleli zwe ngokukhipha isinqumo sokuthi uMthetho Wezempi wawungavumelani nomthetho-sisekelo, ngenxa yokuthi wawungenawo amalungiselelo eminye imisebenzi eyayingenziwa yilabo abangavumi ukuya empini ngezizathu zenkolo. Lesi sinqumo sasibaluleke kakhulu ngoba sasithinta ukushintshwa koMthetho Wezempi wokuboshwa kwabantu ababenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza, owawusuqhubeke iminyaka engu-65.

Kusukela ngo-1953, sekuboshwe abafowethu abangaphezu kuka-19 300. Uma izigwebo zabo zihlanganiswa zenza iminyaka engaphezu kuka-36 700. INkantolo Ephakeme YaseKorea isingasebenzisa lesi sinqumo esisha lapho idingida amacala abekwe labo abenqaba ukuya empini ngenxa yezizathu eziphathelene nonembeza. Ngaphezu kwalokho, izishaya-mthetho zaseKorea sezingaphansi kwesibopho sokwenza izinhlelo zemisebenzi yokusiza umphakathi engase yenziwe yilabo abanqaba ukuyosebenza kwezempi. Kanti kulindeleke ukuthi lezi zinhlelo zibe sezifakiwe emthethweni wezwe ungakapheli unyaka ka-2019.

Sijabula kanye nabafowethu baseKorea ngokuthi isikhona indlela yokuxazulula lo mthetho osubacindezele amashumi eminyaka.—IzAga 15:30.