Dlulela kokuphakathi

NOVEMBA 1, 2018
ESOUTH KOREA

Isinqumo Esiyingqophamlando Esikhishwe INkantolo Ephakeme YaseNingizimu Korea

Isinqumo Esiyingqophamlando Esikhishwe INkantolo Ephakeme YaseNingizimu Korea

NgoLwesine, ngoNovemba 1, 2018, amajaji angu-9 kwangu-13 akhipha isinqumo eNkantolo Ephakeme YaseNingizimu Korea sokuthi akulona icala ukunqaba ukuyosebenza ebusosheni uma izinkolelo zakho zikunqabela lokho. Izizathu ezingokwenkolo sezibhekwa “njengezizathu ezingokomthetho” zokunqaba ukusebenza ebusosheni. Njengamanje kunabafowethu abangu-900 eKorea ababekwe amacala ngenxa yokunqaba ukusebenza ebusosheni. Ngakho lesi sinqumo seNkantolo Ephakeme sizovumela ukuba izinkantolo ezincane zikwazi ukuvuna abafowethu kulawo macala.

Ekuqaleni kwalo nyaka, iNkantolo Yomthetho-sisekelo YaseKorea yakhipha isinqumo sokuthi kufanele kushaye uDisemba 2019 uhulumeni waseKorea esenohlu lwemisebenzi yokusiza umphakathi engenziwa yilabo ebenqaba ukusebenza ebusosheni.

Sijabula kakhulu futhi siyambonga uJehova ngalesi sinqumo esiyingqophamlando.