NOVEMBER 27, 2012
ESOUTH KOREA
OFakazi BakaJehova Bagubha Unyaka Wekhulu BeseKorea
ESEOUL, eKorea—U-November 2012 uyinyanga ekhethekile koFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-100 000 eNingizimu Korea, njengoba begubha unyaka wekhulu bekulelo zwe. Ukuze bagubhe le minyaka eyikhulu, oFakazi bahlanganyela emkhankasweni kazwelonke wokusakaza ipheshana emphakathini. Leli pheshana elihle elinamakhasi amane lichaza ngamafuphi umlando woFakazi BakaJehova eNingizimu Korea nemisebenzi abayenzayo.
Ngo-1912, abameleli boFakazi BakaJehova baqala umsebenzi wabo wokufundisa ngeBhayibheli eKorea. Kuze kube namuhla, oFakazi sebenyathelise amaBhayibheli esiKorea angaba ngu-700 000, futhi masonto onke baqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya zamahhala ezingaphezu kuka-70 000. Emabandleni angaphezu kuka-1 300 kuleli, oFakazi baqhuba imihlangano yokufundisa ngeBhayibheli masonto onke futhi noma ubani othanda ukuba khona wamukelekile. Bananomlando omude wemihlangano yaminyaka yonke eKorea, owokuqala waba khona ngo-1954. Le mihlangano ayiqhutshwa ngesiKorea kuphela kodwa, kusukela ngo-1997, yaqhutshwa nangoLimi Lwezandla LwaseKorea. Ngo-2009, oFakazi BakaJehova baba nomhlangano wezizwe eSeoul, kwaba khona abangaphezu kuka-58 000, kuhlanganise nezihambeli ezingaphezu kuka-6 500 zasemazweni angu-11. Ihhovisi legatsha loFakazi eSeoul lamiswa ngo-1953.
UDae-il Hong, umkhulumeli woFakazi BakaJehova eKorea uthi: “Sigubha unyaka wekhulu wenkonzo esiyenzela omakhelwane bethu.” Uyachaza: “Sikholelwa ukuthi ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kuqinisa imishado, kwandise injabulo yomkhaya, kuqinise nomphakathi. Sibheke phambili eminyakeni eminingi ezayo yokufeza inkonzo yomphakathi.”
Media Contacts:
J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000
Republic of Korea: Dae-il Hong, tel. +82 10 3951 0835