Dlulela kokuphakathi

OCTOBER 1, 2013
ESOUTH KOREA

Izizwe Zomhlaba Zimelana Nokungabi Nabulungisa ENingizimu Korea

Izizwe Zomhlaba Zimelana Nokungabi Nabulungisa ENingizimu Korea

INingizimu Korea ivalela ejele amakhulu ezinsizwa ezingezona izigebengu. Kungani? Yingoba zingoFakazi BakaJehova futhi zikhethe ukulandela lokho okushiwo unembeza wazo ngokwenqaba ukuya empini. Ngenxa yokuthi iKorea ayiwavikeli amalungelo abantu abenqaba ngenxa kanembeza, oFakazi ababuthelwa empini bathunyelwa ejele. Empeleni, kule minyaka engu-60 edlule kuye kwaboshwa oFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-17 000 abenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza.

Ukuze liveze le ndaba, ihhovisi loFakazi BakaJehova eNingizimu Korea lanyathelisa incwajana enesihloko esithi  Conscientious Objection to Military Service in Korea. Le ncwajana idalula ukwehluleka kweKorea ukusebenzisa imithetho yomhlaba wonke kanye nokuvikela labo abenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza. Inikeza nomlando omfushane wezinsizwa ezingoFakazi eziye zabekezelela ukuboshwa ngoba zingafuni ukulimaza unembeza wazo. UMnz. Dae-il Hong, okhulumela ihhovisi loFakazi BakaJehova eKorea noPhilip Brumley ongumeluleki-jikelele woFakazi BakaJehova eNew York, banikeza imininingwane eyengeziwe ngalokhu kungabi nabulungisa osekunesikhathi eside kuqhubeka.

Izizwe zomhlaba ziye zasabela kanjani kulokhu kungabi nabulungisa okwenzeka eNingizimu Korea?

UPhilip Brumley: Amazwe amaningi aye akhuluma ngokumelene nokwehluleka kweKorea ukuqaphela ilungelo lomuntu lokwenqaba ngenxa kanembeza. Emhlanganweni we-UN Universal Periodic Review, amazwe angu-8—IHungary, iFrance, iJalimane, iPoland, iSlovakia, iSpain, i-United States ne-Australia—anxusa iKorea ukuba iyeke ukushushisa abantu abenqaba ngenxa kanembeza futhi isungule umsebenzi ongathinti impi abangawenza. *

UDae-il Hong: Emacaleni amane athinta abantu abangu-501 abenqaba ngenxa kanembeza, iKomiti Yamalungelo Abantu Yezizwe Ezihlangane yakhipha isinqumo esasithi i-Republic yaseKorea yaxhaphaza amalungelo alabo bantu lapho ibagweba futhi ibathumela ejele. Leli komiti lathi “ilungelo lokwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza liyingxenye yelungelo lenkululeko yokucabanga, unembeza nenkolo. Linika noma ubani ilungelo lokwenqaba ukuya empini uma lokho kuzomenza angqubuzane nenkolo yakhe noma izinkolelo. Lelo lungelo akumelwe lilulazwe.” *

I-Human Rights Council, enye inhlangano yeZizwe Ezihlangene, nayo ikhulumile ngalolu daba embikweni wayo wakamuva onesihloko esithi “Analytical report on conscientious objection to military service.” Lo mbiko uchaza umthetho womhlaba wonke oqaphela kokubili ilungelo lokwenqaba ngenxa kanembeza nomthetho olahla ukululazwa kwamalungelo abantu ngokubafaka ejele ngokuphindaphindiwe noma ukubajezisa.

Uhulumeni waseKorea uye wasabela kanjani kulokhu?

Isakhiwo SeNkantolo Ephakeme

UPhilip Brumley: Uhulumeni waseKorea awuzange wenze ngokuvumelana nezinqumo ezithathwe iKomiti Yamalungelo Abantu Yezizwe Ezihlangane. Uye wehluleka ukulalela isivumelwano samazwe omhlaba futhi wenqaba ukuqaphela amalungelo ayisisekelo okwenqaba ngenxa kanembeza. Ngaphezu kwalokho, iNkantolo Ephakeme neNkantolo Yomthetho-sisekelo yaseNingizimu Korea, ayizange izinake izinqumo zeKomiti Yamalungelo Abantu Yezizwe Ezihlangane lapho yenqaba ukudluliswa kwecala lalabo abenqaba ngenxa kanembeza. ISigungu Sikazwelonke saseKorea asikayisunguli eminye imisebenzi yomphakathi engenziwa yilabo abenqaba ngenxa kanembeza futhi akukho ekwenzile ukuze ibavikele.

Ukuboshwa kuzithinte kanjani lezi zinsizwa ezingoFakazi BakaJehova?

UDae-il Hong: Lezi izinsizwa ezinesibindi. Zinqume ukwenza ngale ndlela yize zazi ukuthi zizogwetshwa zithunyelwe emajele ngaphansi kwalo mbuso. Azizifihli. Beziphila njengezakhamuzi eziyisibonelo ngaphambi kokuba ziboshwe futhi ziyiziboshwa eziyisibonelo. Ngokudabukisayo lapho zikhululwa, zizoba nomlando wokuboshwa ozokwenza kube nzima ukuthola umsebenzi ezinkampanini zikahulumeni noma ezinkampanini ezinkulu. Zilahlekelwe unyaka nengxenye wokuphila kwazo ejele. Imindeni yazo iqhubeka nokuphila ngaphandle kwazo njengoba zidonsa isigwebo sazo ejele. Lokhu ukuhlukumezeka okungadingekile.

Ingabe kuyafaneleka ukuba oFakazi eKorea bagwetshwe futhi bafakwe ejele njengezigebengu ngenxa yokwenqaba ukuya empini?

UDae-il Hong: Lutho neze! Lezi zinsizwa azizona izigebengu. OFakazi BakaJehova baziwa eKorea nakuwo wonke umhlaba njengabantu abanokuthula, abathobela umthetho abazimisele ukukhonza umphakathi. Bayawahlonipha amagunya kahulumeni, bayawulalela umthetho, bakhokha intela futhi bayabambisana nezinhlelo zikahulumeni ezizuzisa umphakathi. Muva nje, ijaji lenkantolo yesifunda lithumele insizwa enguFakazi ejele ngenxa yokwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza. Ngemva kokusho ukuthi asikho esinye isigwebo engasikhipha ngaphandle kokuthola le nsizwa inecala, ijaji lafunda isinqumo. Kungazelelwe, ijaji lemboza ubuso balo ngamaphepha lakhala. Kubonakala sengathi ukubeka le nsizwa icala ngale ndlela engenabulungisa kwalicindezela leli jaji kangangokuba alikwazanga ukuzibamba. Abanye ezilalelini baqala ukukhala nabo lapho bebona lokhu kungabi nabulungisa.

UPhilip Brumley: Ngokuqinisekile, sesifikile isikhathi sokuba iziphathimandla zaseKorea zilungise le nkinga esiqhubeke isikhathi eside, zibeke imithetho ezohlonipha amalungelo abantu ayisisekelo okwenqaba ngenxa kanembeza.

I-Human Rights Council “Report of the Working Group on the Universal Periodic Review,” 12 December 2012, A/HRC/22/10, ikhasi 7 no-22, izigaba 44 no-124.53.

^ isig. 5 Jong-nam Kim et al. v. The Republic of Korea, communication no. 1786/2008, Imibono eyamukelwa ikomiti ngo-October 25, 2012 ikhasi 8, isigaba 7.4

^ isig. 6 Human Rights Council “Analytical report on conscientious objection to military service,” 3 June 2013, A/HRC/23/22, amakhasi 3-8, izigaba 6-24; amakhasi 9, 10, izigaba 32, 33.