Dlulela kokuphakathi

MEYI 7, 2018
ESOUTH KOREA

OFakazi BakaJehova Bakhangisa Ngezincwadi ZeBhayibheli Kuma-Olympics Nakuma-Paralympics Ka-2018

OFakazi BakaJehova Bakhangisa Ngezincwadi ZeBhayibheli Kuma-Olympics Nakuma-Paralympics Ka-2018

Ngesikhathi kunemidlalo yasebusika yama-Olympic nama-Paralympic ka-2018 ePyeongchang ngoFebhuwari 9 kuya kuFebhuwari 25, 2018, nangoMashi 9 kuya kuMashi 18, 2018, abafowethu nodadewethu baseKorea baba nomkhankaso okhethekile wokunikeza izihambeli zakwamanye amazwe izincwadi ezifundisa ngeBhayibheli mahhala.

Bangaphezu kuka-7 100 abafowethu nodadewethu ezweni lonke abahlanganyela kulo mkhankaso. Abaningi babevela emadolobheni aseBusan, eGwangju, e-Incheon, eSeoul, naseSuwon. Abanye babevela ezindaweni eziqhelile njengasesiQhingini iJeju, esiyindawo ethandwa izivakashi eqhele ngamakhilomitha angaphezu kwangu-482 eningizimu yePyeongchang.

Abafowethu babeka izinqola zokufakaza ezingu-152 ezindaweni ezingu-48 ezihlanganisa neGangneung Olympic Park kanye nePyeongchang Olympic Plaza. Bavunyelwa nokuba bakhangise ngezincwadi zabo endaweni yokungena eya kwesinye sezikhungo zezenkolo ezikuyi-Olympic Village.

Izinqola ezimbili eduze kwesango elisenyakatho leGangneung Olympic Park.

Ngaphezu kwalokho iziphathimandla zavumela abafowethu ukuba babeke izincwadi zabo eGangneung Station Square, okuyisiteshi sokugcina sesitimela i-KTX Gyeonggang Line esihamba ngesivinini esikhulu, esithutha abagibeli abasuka e-Incheon naseSeoul sibayise ePyeongchang. Ngosuku lokuqala lwemidlalo yama-Olympic, kwadlula abantu abangaphezu kuka-28 000 kulesi siteshi.

Ukuze bakwazi ukusiza izihambeli ezilinganiselwa ku-80 000 ezivela kwamanye amazwe, abafowethu babephethe izincwadi, izincwajana, omagazini kanye namapheshana ngezilimi ezingaba ngu-20 ezihlanganisa isiShayina, isiNgisi, isiKazakh, isiKorea nesiRashiya. Ngaphezu kwalokho, abafowethu nodadewethu abakwazi ukukhuluma ulimi lwezandla lwaseKorea, basebenzisa izinqola namavidiyo olimi lwezandla ukuze bamukele abantu abaningi abayizithulu ababeze kuma-Paralympics. Kwahanjiswa izincwadi ezingaphezu kuka-71 200, okuhlanganisa nezimemo zeSikhumbuzo ezingaphezu kuka-22 000.

Emhlabeni wonke, oFakazi BakaJehova basebenzisa izinqola ezingaphezu kuka-300 000 ukuze bakhangise ngezincwadi zabo emazweni angaphezu kwangu-35. Ngale ndlela, bayakwazi ukushumayela kubantu lapho betholakala khona futhi bayifeze ngokugcwele inkonzo yabo.—2 Thimothewu 4:5.