Dlulela kokuphakathi

DECEMBER 12, 2014
ESOUTH KOREA

Eziphathelene Nomhlangano Wezizwe: OFakazi Bakhulula IBhayibheli Enkundleni Okwakudlalelwa Kuyo Indebe Yomhlaba ESeoul

Eziphathelene Nomhlangano Wezizwe: OFakazi Bakhulula IBhayibheli Enkundleni Okwakudlalelwa Kuyo Indebe Yomhlaba ESeoul

UDavid Splane, ilungu leNdikimba Ebusayo, ekhulula INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ngolimi lwesiKorea.

ESEOUL—OFakazi BakaJehova bakhulula INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ngolimi lwesiKorea eMhlanganweni Wezizwe owawunesihloko esithi “Funani Kuqala UMbuso KaNkulunkulu!” eSeoul, eKorea. Lo mhlangano waqhutshelwa e-Seoul World Cup Stadium ngo-September 6-8, 2014. Bonke abangu-56 867 ababekhona bathola amaBhayibheli mahhala, aphinde atholwa abangu-59 091 ababexhunywe ngezobuchwepheshe ezindaweni eziqhelile okuyiBusan, iDaejeon, iGwangju, iJeju, iSuwon neYeosu. Omunye owayekhona, uJoon-yeong Choi, wathi: “Into eyaba ingqophamlando kulo mhlangano ukukhululwa kwe-Nguqulo Yezwe Elisha ebukeziwe.”

Abangaphezu kuka-56 000 ababekhona enkundleni bethamele imfundo esekelwe eBhayibhelini.

OFakazi abavela eCanada, eFinland, ePhilippines, ePoland nase-United States bahamba ukuze baye kulo mhlangano eSeoul. UDae-il Hong, okhulumela oFakazi BakaJehova eKorea, wathi: “Sasebenza ngokuzikhandla silungiselela lolu hlelo lwemfundo oluvusa amadlingozi, futhi lo mhlangano waba ngaphezu kwalokho esasikulindele. Kwaba yilungelo ukwamukela izivakashi kulesi senzakalo esikhethekile.”

Izakhiwo zobuciko ezingamaBhayibheli zihlobise inkundla.

Izethameli zalo mhlangano e-Seoul World Cup Stadium zahlabeka umxhwele lapho kuvulwa izakhiwo zobuciko eziqoshiwe ezingamaBhayibheli amakhulu amathathu futhi kutholakala ukuthi zingamachibi okubhapathiza. Inani labantu abangu-630 labhapathizwa e-Seoul nabanye abangu-596 ezindaweni ezazixhunywe ngezobuchwepheshe, okwenza kwagcina sekubhapathizwe abangu-1 226.

Izakhiwo zobuciko ezingamaBhayibheli ezasetshenziswa njengamachibi okubhapathiza.

Abameleli Bezindaba:

Emhlabeni jikelele: UJ. R. Brown, Office of Public Information, ucingo: +1 718 560 5000

ERepublic of Korea: UDae-il Hong, ucingo: +82 31 690 0033