Dlulela kokuphakathi

JUNE 16, 2014
ESOUTH KOREA

Amajaji Ahlushwa Unembeza Lapho Kudingeka Anqume Ngokumelene Nonembeza Babanye

Amajaji Ahlushwa Unembeza Lapho Kudingeka Anqume Ngokumelene Nonembeza Babanye

Ijaji laseNkantolo YaseSifundeni SaseSuwon lalikhihla isililo njengoba lifunda isigwebo sokuboshwa sikaChang-jo Im oneminyaka engu-21, owayenqabe ukuya empini ngenxa kanembeza. Nakuba leli jaji lalikhiphe izigwebo ngalolo suku kwamanye amacala amahlanu okwephulwa komthetho ngaphandle kokubonisa izimpawu zokukhathazeka, ukungabi nabulungisa okwenziwa kuleli cala kwalenza lakhala. Ngenxa yokuthi yayingekho enye indlela, lakhipha isigwebo sokuba le nsizwa, enguFakazi KaJehova, ifakwe ijele izinyanga ezingu-18.

Nyanga zonke, amajaji aseNingizimu Korea abhekana nesimo esifanayo. Kuba nensizwa eyiswa enkantolo ngoba yenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza, futhi kungakhathaliseki ukuthi izimo zayo ziyini, ijaji likhipha isinqumo sokuba igqunywe ejele izinyanga ezingu-18. Kwesinye sezinqumo elasikhipha ngokuqondene nothile owayenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza, iJaji uYoung-sik Kim lathi: “Amajaji awakholelwa ukuthi abantu abenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza ‘bayizeqa-mthetho.’” Le ndlela ayezizwa ngayo yamenza wabheka umthetho obekelwe abantu abenqaba ukubuthelwa empini njengoyisigwebo kulabo abenqaba ngenxa kanembeza.

INingizimu Korea iyenqaba ukuqaphela ilungelo lokwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza futhi ayivumeli muntu ukuba enze umsebenzi ohlukile wokukhonza umphakathi. Amajaji aseNingizimu Korea awakwazi ukuzigwema lezi zimo ezinzima ezilokhu zivela futhi kumelwe agwebe abantu abenqaba ngenxa kanembeza njengabayizephula-mthetho. Ayazi nokuthi iKomiti YeNhlangano Yezizwe Yamalungelo Abantu ikhiphe isinqumo emacaleni amaningana—amacala ahilela izinsizwa ezingu-501—sokuthi iNingizimu Korea ayizifezi izibopho zokuhlonishwa kwamalungelo abantu ayisisekelo ngokumangalela nangokubafaka ejele labo abenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza. Ngenxa yalokho, inani elandayo lamajaji lizama ukulwa nonembeza lapho ligweba izinsizwa ezingamaKristu onembeza wazo ungazivumeli ukuba ziye empini.

Njengamanje, amajaji ayisithupha ezinkantolo zesifunda athumele amacala okwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza eNkantolo Yomthetho-sisekelo YaseNingizimu Korea, nakuba iNkantolo Yomthetho-sisekelo inqume ngo-2011 ukuthi umthetho wokuya empini uyingxenye yomthetho-sisekelo. Izinqumo zala majaji ziphakamise nezinye izinkinga.

Lokho okushiwo amanye amajaji . . .

  • Ngokubopha umuntu owenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza

    “Injongo esemqoka yoMthetho-sisekelo yokuba kuvikelwe inkululeko kanembeza njengelungelo eliyisisekelo iwukuba kuvikelwe unembeza womuntu ngamunye, okuyisisekelo sokuba umuntu ahlonishwe futhi abe nesithunzi. . . . Nakuba isinqumo sabo sokwenqaba ukuya empini siphambene nombono weningi, kungaba nzima ukuphetha ngokuthi siyicala elibi kabi lokwenza ngokuphambene nemithetho kazwelonke elenza umuntu afanelwe ukugwetshwa kanzima ngokumjezisa ngokuqondile njengoyisaphula-mthetho.”–IJaji uHye-won Lim, eNkantolo Yesifunda SaseSuwon, ngo-February 21, 2013, 2012Chogi2381.

    “Ukwenza komuntu isinqumo esithinta ubuhlobo bakhe nabanye . . . [kanye] nokucabangisisa kahle ‘ukuba yigugu kokuphila komuntu’ kuyinqubo ebaluleke kakhulu eyakha ubuntu bomuntu. Kuhlanganisa nesinqumo sokungathathi ukuphila kwanoma ubani, ngisho nasempini yezikhali. Uma labo [abenze] izinqumo ezinjalo bephoqelelwa ukuba baye empini noma baphathe izikhali futhi bezojeziswa uma benqaba ukwenza kanjalo, kuyosho ukuthi bathathelwa amalungelo abo nalokho abayikho. Kuwukungabahloniphi ngempela.”–IJaji uYoung-hoon Kang, eNkantolo YeSifunda SaseNyakatho Seoul, ngo-January 14, 2013, 2012Chogi1554.

  • Ngokuthi ukuqashelwa kwelungelo lokwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza kukubeka engozini yini ukulondeka kwezwe

    “Abukho ubufakazi obuphathekayo nobuqondile bokuthi isimiso sokwenza umsebenzi ohlukile singase sikubeke engozini ukulondeka kwezwe nokuthi lowo msebenzi uwukubalekela ubunzima bokuya empini.”–IJaji uGwan-gu Kim, eNkantolo YeSifunda SaseChangwon Masan, ngo-August 9, 2012, 2012Chogi8.

    “Asikho isizathu esizwakalayo sokuthi ukuphepha kwezwe kuzoba sengozini kangangokuba ngeke bakwazi ukuhlonipha abantu nokubaluleka kwazo zonke izakhamuzi uma abantu abambalwa, kuhlanganise noFakazi BakaJehova, . . . benqaba ukuthatha izikhali baye empini. Empeleni, ummangalelwa . . . wenqabile kakade ukuya empini naphezu kwesijeziso azosithola. Ukube lokho abakushoyo bekuyiqiniso, ukuphepha kwezwe nesithunzi somuntu kanye nokubaluleka kwazo zonke izakhamuzi bekuyobe sekusengozini kakade.”–IJaji uSeung-yeop Lee, eNkantolo YeSifunda Sase-Ulsan, ngo-August 27, 2013, 2013Godan601.

  • Indlela okungaxazululwa ngayo le ndaba

    “Uma iNkantolo Yomthetho-sisekelo ithi lolu hlobo lwecala lumelene noMthetho-sisekelo, igatsha eliqondisayo neSishaya-mthetho Sikazwelonke kungakwazi ukucabangela ukulondeka kwezwe, inkululeko kanembeza nemithetho eqaphela ilungelo lomuntu lokwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza, ngesikhathi esifanayo ube uqinisa ezokuphepha zezwe.”–IJaji uYoung-sik Kim, eNkantolo Yesifunda YaseNingizimu Seoul, ngo-July 9, 2013, 2013Chogi641.

    “Ngeke balahlekelwe amasosha abo futhi ezokulondeka zezwe ngeke zithinteke uma nje kungase kuhlelwe kahle futhi kusetshenziswe isimiso sezinye izinkonzo zomphakathi ukuze kugwenywe ukubuthelwa empini ngenxa yokwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza.”–IJaji uSeong-bok Lee, eNkantolo Yesifunda YaseMpumalanga Seoul, ngo-February 20, 2014, 2014Chogi30.

Izosabela kanjani iNkantolo Yomthetho-sisekelo?

La majaji acela iNkantolo Yomthetho-sisekelo ukuba iwaxazululele le nkinga ewahluphayo yabantu abenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza. Njengamanje, iNkantolo iye yabavuna emacaleni angu-29, kuhlanganise nakwamabili athinta amadoda angu-433.

Yini ezonqunywa iNkantolo Yomthetho-sisekelo ngala macala? Ingabe iNkantolo ephakeme yaseNingizimu Korea iyoliqaphela ilungelo lokwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza, okuyoholela ekumisweni komthetho omusha? Uma yenza kanjalo, iyobe ihlonipha izibopho zayo, uMthetho-sisekelo wayo nonembeza babaningi—okuyolethela izinsizwa eziningi eziboshwa ngokungafanele inkululeko.