Dlulela kokuphakathi

OFakazi bendawo balindele izivakashi ezize emhlanganweni, e-Bandaranaike International Airport.

DISEMBA 21, 2018
ESRI LANKA

Umhlangano Okhethekile Wokuqala ESri Lanka

Umhlangano Okhethekile Wokuqala ESri Lanka

NgoJulayi 6 kuya ku-8, 2018, iSri Lanka yaba nomhlangano okhethekile wokuqala ngqa. Kulowo mhlangano kweza izinkulungwane zoFakazi BakaJehova ababevela emazweni ayisikhombisa. Lo mhlangano okhethekile owawunesihloko esithi “Yiba Nesibindi”! wawusenhloko dolobha yaleli zwe, iColombo, enkundleni yemidlalo iSugathadasa National Sports Complex. Kwakunabantu abangu-14 121. Phakathi kwezinto ezajatshulelwa kakhulu kwaba izinkulumo ezazibekwa ilungu leNdikimba Ebusayo, ukubhapathizwa kwabantu abaningi, nokwamukelwa okuhle kwezihambeli ezingaba ngu-3 500 ezazize kulo mhlangano.

Amalungiselelo aqala ngoSepthemba 2017, ngesikhathi amabandla aseSri Lanka aziswa ukuthi kwakuzoba nomhlangano okhethekile ngonyaka olandelayo. Ngaphezu kwamalungiselelo okwakudingeka enziwe, inkundla yomhlangano nayo yayidinga ukulungiswa nokuhlanzwa. Umsebenzi wawuhlanganisa ukupendwa kwenkundla, ukususwa kukadoti, ukukhandwa kwezihlalo ezaziphukile nokupheshwa komgwaqo. Kusasele amasonto amathathu kuqale umhlangano, kwafika amakhulu oFakazi ezosiza ekulungisweni kwenkundla. Omunye wonogada bale nkundla wathi umsebenzi owawenziwe oFakazi ngesikhathi esincane kanje, wawuzothatha izisebenzi zenkundla iminyaka engaba mine ukuwufeza.

Kwakwenziwe nezinhlelo zokuba izihambeli zalo mhlangano ziboniswe indawo nezinye izinto ezibonisa indlela abantu baseSri Lanka abaphila ngayo. Ngolunye usuku ntambama kwaba nemidanso nomculo womdabu, owawuhlanganisa neqembu loFakazi abasebasha ababecula izingoma zoMbuso.

U-Ashley Ferdinands, ummeleli wegatsha laseSri Lanka, wathi: “Lo mhlangano okhethekile ube yigugu kakhulu kubafowethu nodadewethu basezweni lethu, futhi sikujabulele kakhulu ukwamukela izihambeli eziningi kangaka. Sibonga namavolontiya asize ekwenzeni lo mhlangano waba impumelelo. Ngaphezu kwakho konke, sibonga uBaba wethu osezulwini ongumthombo wazo zonke izipho ezinhle.”—Jakobe 1:17.

 

Inkundla yomhlangano yayihlukaniswe ngezilimi ezine, isiNgisi (esiboniswe lapha), isiSinhala, uLimi Lwezandla LwaseSri Lanka nesiTamil.

UMfoweth’ u-Anthony Morris weNdikimba Ebusayo wayenikeza izinkulumo zokuphetha, usuku ngalunye.

Kwabhapathizwa abangu-273, okwaba yinani eliyingqophamlando kuleli zwe.

Abazalwane baba nomhlangano nabezindaba ehhovisi legatsha. Kwafika izintatheli ezingaphezu kwezingu-40, zathola nethuba lokuboniswa isakhiwo segatsha.

Okhulumela umhlangano, uxoxa nezintatheli ezimbili ezivela eziteshini ezinkulu zezindaba eSri Lanka.

NgoJanuwari 2018, kwafika abafowethu nodadewethu abangaphezu kwabangu-700 eColombo, ukuze baqeqeshelwe ukusiza emhlanganweni.

Amavolontiya asiza ekulungiseni izihlalo ezaziphukile enkundleni.

Kwahlelwa ukuba izihambeli zihlangane nabazalwane nodadewethu bendawo emaHholo OMbuso ayeseduze nenkundla yomhlangano, ukuze bazane kangcono.

Kwakunomculo nemidanso yaseSri Lanka ehlukahlukene, njangalo mdanso wesiTamil.

OFakazi abasebasha bacula iculo elithi “Ukunxusa KukaJehova Komusa: ‘Hlakanipha, Ndodana Yami’”.

Izihambeli zajabulela ukubona indlela itiye elenziwa ngayo.

Ekupheleni komhlangano izihambeli zaphakamisa amabhodi ayenemiyalezo yothando, eya kubazalwane baseSri Lanka.