Dlulela kokuphakathi

FEBHUWARI 9, 2018
ETAIWAN

Ukuzamazama Komhlaba ETaiwan

Ukuzamazama Komhlaba ETaiwan

Ngobusuku bangoLwesibili ngoFebhuwari 6, kwaba nokuzamazama komhlaba okunamandla angu-6.4 ngokwesikali sikaRichter, ogwini olusempumalanga yeTaiwan. Imibiko yabezindaba ibonisa ukuthi kushone abantu abangaphezu kwabahlanu, kwalimala abangaphezu kwabangu-250. Kunabantu abangu-76 abangakatholakali.

Abekho abamemezeli abalimala noma abashona kule nhlekelele. Nokho kwalimala isakhiwo esineHholo LoMbuso nehhovisi labahumushi besi-Amis (okungulimi lomdabu lwaseTaiwan) esiseHualien, okungenye yezindawo ezaba nomonakalo omkhulu. Kanti nendawo ebihlala abahumushi yalimala kakhulu, kangangokuba kwadingeka abahumushi baphume ngokushesha kuyo. Ngokushesha abazalwane bendawo bahlela izindawo zesikhashana zokuhlala abafowethu abathintekile, kanti ihhovisi legatsha laseTaiwan linikeza usizo kwezinye izinto eziyisidingo.

Sithandazela ukuba abafowethu nadadewethu abathintekile bathole ukuthula kwengqondo kulesi simo esicindezelayo, nokuba abafowethu abanikezwe umthwalo wokubanakekela babe “njengendawo yokucashela umoya.”—Isaya 32:2.

Abezindaba:

Emhlabeni jikelele: UDavid A. Semonian, Ihhovisi Lokwaziswa, +1-845-524-3000

ETaiwan: UChen Yongdian, +886-3-477-7999