SEPTEMBER 17, 2013
ETANZANIA
Inkantolo YaseTanzania Ephakeme Kunazo Zonke Ivikela Amalungelo Abafundi AbangoFakazi
EDAR ES SALAAM, eTanzania—INkantolo Yokudlulisela Amacala yaseTanzania, okuyinkantolo ephakeme kunazo zonke, yakhipha isinqumo ngomhla ka-12 July 2013 esasithi izikole zasesifundeni saseMbeya zixhaphaze amalungelo angokwenkolo abafundi abangu-127 abaxoshwa esikoleni noma bajeziswa ngemva kokwenqaba ukucula ingoma yesizwe ngenxa kanembeza.
Ngo-2007 iBhodi Yesikole IShikula yaxosha oFakazi abahlanu abasebasha ngemva kokwenqaba ukucula ingoma yesizwe. Ngaphezu kwalokho, izikole zamabanga aphansi nezamabanga aphakeme kuleso sifunda zajezisa abafundi abangoFakazi abangu-122 ngenxa yesizathu esifanayo. Ngemva kokuba izikhulu zemfundo kulelo zwe kanye nondunankulu bengazamukelanga izikhalo zabo, abafundi abangu-127 badlulisela udaba lwabo eNkantolo Ephakeme yaseTanzania, inkantolo yesibili ngokuphakama kulelo zwe. INkantolo Ephakeme yakusekela ukuxoshwa kwezingane nakuba yayihlukene phakathi. Ngenxa yalokho, ngomhla ka-2 December 2010, abafundi badlulisela udaba lwabo eNkantolo Yokudlulisela Amacala. Ngokwamaphepha asenkantolo, isinqumo seNkantolo Yokudlulisela Amacala “sasihlaba sasihlikiza” isinqumo esasenziwe iNkantolo Ephakeme.
UZadok Mwaipwisi, okhulumela oFakazi BakaJehova eTanzania uthi: “Sijabulile ngenxa yesinqumo senkantolo nokusekela kwayo ukungathathi hlangothi kwale ntsha ngenxa kanembeza. Lokhu kunqoba kuqinisekisa ilungelo elingokwenkolo lomthetho sisekelo loFakazi BakaJehova nazo zonke izakhamuzi zaseTanzania.”
Media Contact(s):
International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000
Tanzania: Zadok Mwaipwisi, tel. +255 22 2650592