Dlulela kokuphakathi

ETURKEY

Amanqampunqampu NgeTurkey

Amanqampunqampu NgeTurkey

OFakazi BakaJehova bebelokhu bekhona eTurkey kusukela ngo-1931. Babengakwazi ukukhonza uNkulunkulu ngenkululeko kwaze kwaba sekupheleni kweminyaka yawo-1980. Njengoba iminyaka iqhubeka, uhulumeni wayithambisa imithetho emelene noFakazi, kodwa wenqaba ukubabhalisa ngokusemthethweni. Izinto zashintsha ngoJulayi 2007, ngesikhathi izinkantolo zaseTurkey zikhipha izinqumo ezivuna oFakazi BakaJehova futhi zibavumela ukuba babhaliswe ngokusemthethweni. Namuhla oFakazi BakaJehova bayakwazi ukuhlangana ukuze bakhonze uJehova futhi benze neminye imisebenzi yabo engokwenkolo ngokukhululekile.

Noma kunjalo, uhulumeni waseTurkey awubanikezi abantu ilungelo lokwenqaba ukuya empini uma unembeza wabo ungabavumeli. Sekuphele iminyaka eminingi oFakazi abanqaba ukuya empini ngenxa kanembeza behlukunyezwa, behlawuliswa imali emba eqolo futhi beboshwa. Kusukela ngo-2011, iNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu (i-ECHR) isikhiphe izinqumo ezintathu ezivuna oFakazi, kwathi ngo-2012, iKomiti Yamalungelo Abantu Yezizwe Ezihlangene nayo yakhipha isinqumo esivuna oFakazi kulolu daba. Nokho, iTurkey isaqhubeka izibeka amacala izinsizwa ezingoFakazi ezinqaba ukuyosebenza kwezempi.

Ngo-2003, iTurkey yashintsha umthetho ophathele nezakhiwo ukuze uvumele abantu abangewona amaSulumane ukuba bakwazi ukwakha izindawo zabo zokukhonza. Nokho, izikhulu zikamasipala kanye nezinkantolo ezincane zivame ukwenqaba ukunika amaHholo OMbuso OFakazi BakaJehova imvume yokubizwa ngokuthi “yizindawo zokukhonza.” Kunamacala amabili amayelana nalolu daba asadingidwa enkantolo i-ECHR.