Dlulela kokuphakathi

JUNE 11, 2014
ETURKEY

INkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu Ivuna OFakazi Abane BaseTurkey Abenqabe Ukuya Empini Ngenxa Kanembeza

INkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu Ivuna OFakazi Abane BaseTurkey Abenqabe Ukuya Empini Ngenxa Kanembeza

Ngo-June 3, 2014, iNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu ivumelene ngazwilinye ukuthi iTurkey iphule iSivumelwano SaseYurophu * ngokubopha oFakazi BakaJehova abane ngoba benqabe ukuya empini ngenxa kanembeza. UÇağlar Buldu, uBariş Görmez, u-Ersin Ölgün noNevzat Umdu, benqabe ukuya empini ngenxa yezinkolelo zabo eziqinile. Isinqumo se-ECHR sasithi: “Izinqumo ezathathwa ngokuqondene nabamangalelwa . . . ziyisiphazamiso esasingadingekile emphakathini wabantu ababuswa ngentando yeningi, ngokwalokho okushiwo iSiphakamiso 9 seSivumelwano.”

OFakazi abane bafaka isikhalazo eNkantolo (uBuldu Nabanye v. iTurkey) ngokumelene nohulumeni waseTurkey ngo-March 17, 2008, esithi iTurkey ayiyihloniphanga inkululeko yabo engokwenkolo ngokubamangalela ngokuphindaphindiwe nangokubabopha ngoba benqaba ukuya empini. Sekukonke, babizelwa enkantolo izikhathi ezingaphezu kuka-30 futhi bachitha iminyaka engaphezu kweyisithupha besejele nasemakamu ezempi.

Isinqumo se-ECHR sasithi: “Ukwenqaba kwabamangalelwa, abangoFakazi BakaJehova, ukuba baye empini ngenxa kanembeza, ngokuqinisekile kwakuwukubonakaliswa kwezinkolelo zabo. INkantolo ayingabazi ukuthi ukubekwa kwabo amacala ngokuqhubekayo, . . . kuhlanganise nokuzibeka engozini yokumangalelwa ngokuphindaphindiwe njengezephula-mthetho, . . . kusho ukuphucwa ilungelo labo lokusebenzisa inkululeko yabo yokwenza ngokuvumelana nezinkolelo zabo, eqinisekiswa iSiphakamiso 9 seSivumelwano.”

UÇağlar Buldu

Lesi yisinqumo sesithathu esakhishwa ngokumelene neTurkey endabeni yalabo abenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza, ngemva kwesinqumo esakhishwa i-ECHR esasivuna uFeti Demirtaş ngo-2012 noYunus Erçep ngo-2011. Ngo-2012, iKomiti Yamalungelo Abantu YeZizwe Ezihlangene yakhipha isinqumo esasivuna oFakazi ababili eTurkey, uCenk Atasoy no-Arda Sarkut, nabo abenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza.

EYurophu, kwaba noshintsho ngo-July 7, 2011, lapho uMkhandlu Ophakeme we-ECHR ukhipha isinqumo ecaleni lika-Bayatyan v. Armenia. Ngokokuqala ngqa, i-ECHR yathola ukuthi iSiphakamiso 9 seSivumelwano SaseYurophu sivikela labo abenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza. Lesi Siphakamiso sibopha wonke amazwe angamalungu oMkhandlu WaseYurophu. Isinqumo esakhishwa ecaleni lika-Bayatyan, izinqumo ezintathu ze-ECHR ngokumelene neTurkey nezinye izinqumo ze-ECHR ezithi azifane nalezi ziphoqa iTurkey namanye amazwe ukuba zihlaziye kabusha indlela eziphatha ngayo labo abenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza nokuba zilungise imithetho yazo ukuze ivumelane neSivumelwano.

UJames E. Andrik, ongomunye wabameli ababemelela oFakazi abane kuleli cala, wathi: “Nakuba njengamanje bengekho oFakazi ababoshelwe ukwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza eTurkey, uhulumeni uyaqhubeka nokumangalela izinsizwa ezingoFakazi ezenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza. Sinethemba lokuthi isinqumo esisanda kukhishwa ecaleni lika-Buldu Nabanye v. Turkey sizoshukumisela uhulumeni waseTurkey ukuba uhloniphe ilungelo lomuntu eliyisisekelo lenkululeko kanembeza.”

^ isig. 2 ISiphakamiso 3, senqabela ukuphathwa kabi nokuhlukunyezwa kwabantu; iSiphakamiso 6, sithi abantu banelungelo lokuba amacala abo asingathwe ngokungakhethi; iSiphakamiso 9, sithi abantu banenkululeko kanembeza, engokwenkolo neyokuba bakwazi ukuzicabangela.