Dlulela kokuphakathi

MARCH 11, 2013
ETURKEY

I-UN Ithi ITurkey Kumelwe Ihloniphe Onembeza Bezakhamuzi Zayo

I-UN Ithi ITurkey Kumelwe Ihloniphe Onembeza Bezakhamuzi Zayo

Izigidi zamaKristu ziyenqaba ukungenela ezempi ngenxa kanembeza—futhi amazwe amaningi ayakuhlonipha lokho. IKomiti Yamalungelo Abantu Yezizwe Ezihlangene iye yakhipha isinqumo esithi izakhamuzi zaseTurkey nazo kufanele zibe nenkululeko efanayo.

Esinqumweni sayo esamukelwa ngo-March 29, 2012, le Komiti yakhipha isinqumo esivuna izakhamuzi ezimbili zaseTurkey, uCenk Atasoy no-Arda Sarkut. Womabili la madoda angoFakazi BakaJehova enqaba ukungena ebusosheni ngenxa yezinkolelo zawo.

Kwase kukaningi uMnumzane Atasoy noSarkut bethumela izicelo emahhovisi kahulumeni bechaza isinqumo sonembeza babo, nokuthi bazimisele ukwenza imisebenzi yomphakathi engahlobene nempi. Nakuba kunjalo, la madoda abelokhu ecindezelwe njalo ukuba angenele ezempi. Lapho abezempi besongela ukuyimangalela ngamacala obugebengu iyunivesithi uMnumzane Sarkut ayesebenza kuyo njengomsizi kathisha, kwaba ukuphela komsebenzi.

Esinqumweni sayo, le Komiti yathi ilungelo lokwenqaba ukwenza inkonzo yezempi ngenxa kanembeza “libaluleke njengenkululeko yokucabanga, kanembeza neyenkolo,” echazwa iSiphakamiso 18 se-International Covenant on Civil and Political Rights. Ngaphezu kwalokho, iKomiti yathi leli lungelo “linika noma ubani inkululeko yokuba angaphoqelelwa ukuya empini uma lokho kungqubuzana nezinkolelo zakhe.

Lesi sinqumo silandela ezinye ezimbili ezithi azifane ezikhishwe iNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu. Kwesinye salezo zinqumo, iNkantolo yathi “ukungabikho komunye umsebenzi onganikwa umuntu ongayi empini eTurkey kungqubuzana nelungelo lokwenqaba ngenxa kanembeza” eligunyazwa uMthetho-sisekelo Wamalungelo Abantu BaseYurophu.

Ukwenqaba ukungenela ezempi kuyinto endala njengabo ubuKristu. UE. W. Barnes, encwadini yakhe ethi The Rise of Christianity, wabhala: “Ukubukeza ngokucophelela konke ukwaziswa okukhona [kubonisa] ukuthi, akekho umKristu owaba isosha kwaze kwaba isikhathi sikaMarcus Aurelius [umbusi waseRoma kusukela ngo-161 kuya ku-180 C.E.]; futhi alikho isosha, okwathi ngemva kokuba selingumKristu, laqhubeka liya empini.