Dlulela kokuphakathi

MARCH 17, 2014
ETURKEY

ITurkey Iyenqaba Ukulandela Imithetho YaseYurophu Endabeni Yokwenqaba Ukuya Empini Ngenxa Kanembeza

ITurkey Iyenqaba Ukulandela Imithetho YaseYurophu Endabeni Yokwenqaba Ukuya Empini Ngenxa Kanembeza

“Bonke abantu baseTurkey bazalwa bengamasosha.” La mazwi atshelwa izingane zesikole, ashiwo ezinkulumweni zezombangazwe futhi agxiliswa ezingqondweni zamadoda abizelwe inkonzo yezempi. Kuyisibopho ngabo bonke abesilisa baseTurkey ukuba baye empini futhi ukubuthelwa empini kuyisenzakalo esijabulisayo. Akumangazi-ke ukuthi uhulumeni waseTurkey uyenqaba ukuhlonipha ilungelo eliyisisekelo lokwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza.

ITurkey ingelinye lamazwe ambalwa eMkhandlwini WaseYurophu elingalihloniphi ilungelo lokwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza

Yize kunjalo, njengoMbuso oyilungu loMkhandlu WaseYurophu futhi osebenzisa iSivumelwano SaseYurophu Sokuvikelwa Kwamalungelo Abantu njengengxenye yomthetho wezwe lawo, iTurkey izibophile ukuba isebenzise imithetho yaseYurophu. Kusukela uMkhandlu Omkhulu Wenkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu wenza isinqumo ecaleni likaBayatyan ne-Armenia, iTurkey inesibopho esingokomthetho phambi koMkhandlu WaseYurophu sokuqaphela ilungelo lokungayi empini ngenxa kanembeza. Ngenxa yokuthi iye yenqaba ukwenza kanjalo, labo abenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza babhekana nemiphumela ebuhlungu yalokho.

Phakathi neminyaka eyishumi edlule, amadoda angu-55 angoFakazi BakaJehova aye acela uhulumeni waseTurkey ukuba uhloniphe ilungelo lawo lokwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza. Ngenxa yokuthi izicelo zawo azemukelwanga, aye amangalelwa kaninginingi, ahlawuliswa imali emba eqolo, amanye aboshwa iminyaka eminingi. Sikhuluma nje, izinsizwa ezingu-15 ezingoFakazi eTurkey zimangalelwa ngokuphindaphindiwe ngenxa yokwenqaba ukuya empini.

‘Kumelwe Ngilalele Unembeza Wami’

“Angikholelwa ukuthi uMbuso onamandla kufanele ungiphoqe ukuba ngenze ngokuphambene nonembeza wami oqeqeshwe ngeBhayibheli namazwi aphefumulelwe uNkulunkulu aku-Isaya 2:4, engikholelwa ukuthi kumelwe ngiwalalele.” Lelo vesi elidumile, eliqoshwe phambi kwendlunkulu yeZizwe Ezihlangene eNew York City, lithi abantu abangayithandi impi ‘bayokhanda izinkemba zabo zibe ngamageja futhi ngeke besayifunda impi.’ Ngala mazwi, uFeti Demirtaş oyisakhamuzi saseTurkey, owayeneminyaka engu-25 ngaleso sikhathi, wachaza ukuthi kungani ayezimisele ukulahlekelwa inkululeko yakhe futhi aboshwe kunokuba aye empini. Njengomunye woFakazi BakaJehova, uFeti ukholelwa ngokuqinile ekwenzeni ngokuvumelana nonembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli. Ngenxa yaleso sizathu, uFeti uye wamangalelwa izikhathi eziyishumi futhi waboshwa isikhathi esingaphezu konyaka nesigamu.

Lapho eboshwa okokuqala, usayitsheni wathi akagqoke iyunifomu yamasosha kodwa uFeti wenqaba—wakhetha ukulalela unembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli. Umlawuli wamasosha wabe esemletha phambi kwamadoda angu-400 wamtshela ukuthi akagqoke iyunifomu yamasosha. Waphinde wenqaba. Phakathi nokuboshwa kwakhe kokuqala, wayethukwa, ekhahlelwa ekhanda, emahlombe nasezinyaweni futhi eshaywa ngezimpama onogada basejele.

Ngaphambi nje kokuba aboshwe futhi afakwe ejele okwesihlanu ngo-April 2006, onogada bamphoqa ukuba akhumule izingubo zakhe ukuze agqoke iyunifomu yamasosha. Lapho enqaba ukuyigqoka, onogada bamfaka ejele lokuqondisa izigwegwe izinsuku ezine. Ukuze bamncishe inkululeko, ebusuku babembophela ensimbini yombhede wakhe ngozankosi, phakathi nosuku bambophele kwenye insimbi. UFeti wathi: “Phakathi nosuku ngangesaba futhi ngingakwazi ukulala ebusuku ngoba ngangizibuza ukuthi kazi sebezongenzani manje. Nakuba ngangicindezeleke kakhulu ngokomzwelo ngenxa yokuphathwa kabi, ngangilokhu ngizimisele ukuphila ngokuvumelana nonembeza wami.”

Umbono WeNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu Ngokungayi Empini Ngenxa Kanembeza

Ngo-2007 uFeti Demirtaş wadlulisela icala lakhe kuyi-ECHR, ekhala ngokuthi uhulumeni waseTurkey wephule ilungelo lakhe lapho eboshwa ngenxa yokwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza. Ngo-January 17, 2012, i-ECHR yakhipha isahlulelo esimvunayo, iqinisekisa ukuthi uFeti uye waphathwa ngonya futhi walulazwa, okuye kwambangela ubuhlungu obukhulu. Ngaphezu kwalokho, le Nkantolo yathi ukwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza okusekelwe ezinkolelweni ezijulile kuyilungelo eligunyazwe iSivumelwano SaseYurophu Sokuvikelwa Kwamalungelo Abantu. *

Ngemva kwesinqumo esicacile seNkantolo mayelana nokungayi empini ngenxa kanembeza, uFeti wayelindele ukuba iziphathimandla zaseTurkey ziyeke ukulokhu zimmangalela. Empeleni, uhulumeni waseTurkey wamnika isinxephezelo esingama-euro angu-20 000. Nokho, ngemva nje kwezinyanga ezine i-ECHR ikhiphe isinqumo ecaleni lika-Feti Demirtaş neTurkey, iNkantolo Yezempi YaseTurkey yaphinde yambopha izinyanga ezimbili nesigamu ngenxa yokwenqaba ukuya empini. UFeti wafaka isicelo sokuba icala liphinde liqulwe kabusha, namanje asikaphendulwa leso sicelo.

IKomiti Yamalungelo Abantu YeZizwe Ezihlangene Nayo Iyalisekela Ilungelo Lokwenqaba Ukuya Empini Ngenxa Kanembeza

ITurkey ayizilalelanga neziqondiso ezivela eKomitini Yamalungelo Abantu YeZizwe Ezihlangene. Ngo-2008 oFakazi ababili, uCenk Atasoy no-Arda Sarkut, bakhalaza kule komiti, bethi iziphathimandla zaseTurkey zephule amalungelo abo ngokubamangalela ngokuphindaphindiwe ngenxa yokwenqaba ukuya empini. EMazwini ayo eyawasho ngo-March 29, 2012, iKomiti Yamalungelo Abantu Yezizwe Ezihlangene yathi “ukwenqaba [kwala madoda] ukubizelwa empini ngempoqo kubangelwa izinkolelo zawo” futhi “ukumangalelwa nokugwetshwa kwawo ngokuphindaphindiwe kuwaphuca inkululeko yawo kanembeza, okuwukwephulwa kwesiphakamiso 18, isigaba 1 [se-International Covenant on Civil and Political Rights].”

Iziphathimandla zaseTurkey ziye zasabela kanjani kulezi ziqondiso ezicacile? Zisalindele ukuba la madoda amabili enqaba ukuya empini ngenxa kanembeza eze lapho ebizelwa empini njalo ngemva kwezinyanga ezine * noma amangalelwe futhi ahlawuliswe.

OFakazi BakaJehova eTurkey bazimisele ukuphila ngokuvumelana nomyalo weBhayibheli wokuthanda umakhelwane. Lapho ebizelwa ukuya empini yiziphathimandla zaseTurkey, uFakazi ngamunye kumelwe azinqumele ukuthi uzosabela kanjani. UFeti Demirtaş nabanye oFakazi bazinqumele ukuthi ukuphatha izikhali kuphikisana nomthetho weBhayibheli nonembeza babo.

Lezi zinsizwa zilindele ukuba uhulumeni wazo uyithobele le mithetho. I-ECHR neKomiti Yamalungelo Abantu YeZizwe Ezihlangene ilindele ukuba iTurkey yenze ngokuvumelana nezahlulelo nezinqumo ezenzile, okuzoholela ekutheni iziphathimandla zaseTurkey ziliqaphele ilungelo lokwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza. Okwamanje, iTurkey ayihambisani noMkhandlu WaseYurophu uma kuziwa endabeni yokuhlonipha leli lungelo lomuntu eliyisisekelo.

^ isig. 10 Kwakungekhona okokuqala ukuba i-ECHR iphikisane neTurkey endabeni yokwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza. Ngo-November 2011 iNkantolo yakhipha isahlulelo esasivuna omunye uFakazi waseTurkey, uYunus Erçep, owayethweswe icala izikhathi ezingu-41 phakathi neminyaka engu-14 ngenxa yokwenqaba kwakhe ukuya empini eTurkey.

^ isig. 14 Muva nje uhulumeni usubizela abantu empini njalo ngemva kwezinyanga ezintathu.