APRIL 9, 2015
EVANUATU
OFakazi BakaJehova Banikeza Usizo Ngemva KweSiphepho UPam
ENOUMEA, eNew Caledonia—ekuqaleni kobusuku bango-March 13, 2015, iSiphepho uPam sanqamula ezweni laseVanuatu lasesiqhingini sasePacific. Imibiko yokuqala eyavela ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eNew Caledonia ibonisa ukuthi abekho oFakazi baseVanuatu abafa noma abalimala kulesi siphepho. Kusabhekwa ubukhulu bomonakalo, kodwa sekuqinisekisiwe ukuthi esiqhingini sase-Efate, izindlu zoFakazi ezingu-31 zabhidlika futhi ezingu-58 zacekeleka phansi. Esiqhingini saseTanna, cishe yonke imizi yoFakazi yabhidlika noma yacekeleka phansi. Imimoya yesiphepho yabhidliza namaHholo oMbuso amathathu, elinye labhidlizwa ukuwelwa isihlahla.
Ikomiti yabasiza ezinhlekeleleni esedolobheni elikhulu laseVanuatu, iPort Vila, lanikeza imindeni yoFakazi engu-100 ukudla, izigubhu zamanzi, nezindawo zokukhosela. Ngaphezu kwalokho, elinye ithani lezinto zosizo layiswa koFakazi baseTanna ukuze banikezwe ababekudinga ngaleso sikhathi. Ihhovisi legatsha e-Australia lasebenzisana nehhovisi legatsha laseNew Caledonia ukuze kutholakale izinto eziwusizo, ezazihlanganisa izindawo zokukhosela, ukulungisa izindlu ezonakele nokunikeza izinto zokulala, ezokugqoka nokunye.
UJean-Pierre Francine, okhulumela oFakazi BakaJehova eNew Caledonia, uthi: “Siyalwazisa usizo oluvela phesheya kanye nezikhulu zikahulumeni eziye zasiza amakholwa esikanye nawo. Manje njengoba izindiza eziya eVanuatu seziphinde zaqala ukuhamba, ummeleli wehhovisi legatsha laseNew Caledonia nezikhonzi ezijikelezayo bavakashela lesi siqhingi ukuze bangagcini nje ngokunikeza usizo olungokoqobo kodwa nenduduzo nosizo olungokomoya.”
Abezindaba:
Emhlabeni jikelele: uJ. R. Brown, Ihhovisi Lokwaziswa, ucingo +1 718 560 5000
AbaseNew Caledonia: uJean-Pierre Francine, ucingo +687 43 75 00