NOVEMBA 5, 2018
EVENEZUELA
Okwakamuva Ngesimo SaseVenezuela: Nakuba Izimo Ziba Zimbi Nakakhulu, Bayaqhubeka Bebonisa Ukholo
Isimo somnotho esingesihle eVenezuela siyaqhubeka sithinta abafowethu nodadewethu bakuleli zwe. Isonto ngalinye ihhovisi legatsha laseVenezuela lithola imibiko ngabafowethu ababe yizisulu zobugebengu. Kanti amahholo ombuso amaningi ayagqekezwa, kuntshontshwe kuwo. Abafowethu babhekene nokunyuka kwamanani ezinto okuqhubekayo, ukuntuleka kokudla nemithi, kanye nezinye izinto eziyisidingo. Kusukela ngo-2013, kunoFakazi abangaphezu kwabangu-20 000 asebebalekele kwamanye amazwe, njengase-Argentina, eBrazil, eChile, eColombia, e-Ecuador, e-Italy, ePeru, ePortugal, eSpain, nase-United States. a Naphezu kwezimo ezinzima, kusenoFakazi BakaJehova abangaba ngu-140 000 eVenezuela futhi basaqhubeka bekhonza uJehova ngokuzimisela.
Ihhovisi legatsha laseVenezuela liyaqhubeka lenza izinhlelo zokuba abafowethu abasakuleli zwe bathole usizo abaludingayo. Sekumiswe amakomiti okunikeza usizo angu-60, ahlelelwe ngokuyinhloko ukuhambisa ukudla kubazalwane. Kuze kube manje, igatsha laseVenezuela, libambisene negatsha laseBrazil, selihambisele abazalwane abangaphezu kwabangu-64 000 ukudla emabandleni angu-1 497.
Igatsha laseVenezuela liyaqhubeka likhuthaza abafowethu nodadewethu ukuba baqhubeke bethembekile kuJehova nokuba bangayeki ukumkhonza. Kube nemihlangano yesifunda engu-122 ebinesihloko esithi “Yiba Nesibindi”! Le mihlangano ibibanjelwe ezindaweni ezihlukahlukene kuleli zwe, owokugcina waphetha ngoSepthemba 2, 2018. Le mihlangano yaba yisikhuthazo esikhululu kubafowethu, nakuba iningi labo lalwa kanzima ukuze lithole imali yokufinyelela ezindaweni zomhlangano.
OFakazi baseVenezuela bazigcina bematasa emsebenzini wokududuza omakhelwane ngomyalezo weBhayibheli. Njengamanje, oFakazi bafunda iBhayibheli nabantu abangaphezu kwabangu-200 000, inyanga ngayinye. Kanti siye sanda nesibalo sabantu abafunda iBhayibheli asebeqale ukuya emihlanganweni yebandla. Kubhapathizwe abangu-7 259.
Le ntuthuko ibonisa ukuthi uJehova uyabasekela kakhulu abafowethu baseVenezuela. Sithandazela ukuba baqhubeke bethembela kuJehova kuze kufike isikhathi lapho umbuso wakhe uzoqeda ngaso konke ukuhlupheka okugcwele namuhla.—IzAga 3:5, 6.
a Uma izimo zenhlalo, zomnotho nezombangazwe zenza ukuphila kube nzima, uFakazi ngamunye kumelwe azinqumele yena ukuthi uzobalekela yini kwelinye izwe noma cha. Inhlangano ayikhuthazi muntu ukuba aqhubeke ehleli ezweni lakubo futhi ayikhuthazi muntu ukuba ahambe kulo.—Galathiya 6:5.