Dlulela kokuphakathi

Abafowethu nodadewethu e-Ukraine bathuthela kwamanye amazwe

JUNI 9, 2022
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

Ababaleki Base-Ukraine Baqala Ukuphila Okusha Kwamanye Amazwe

Ababaleki Base-Ukraine Baqala Ukuphila Okusha Kwamanye Amazwe

U-Iryna Makukha usehlala eCzech Republic

Lapho kuqala impi e-Ukraine, u-Iryna Makukha, udadewethu ongashadile oneminyaka engu-46, waya esiteshini sesitimela eKharkiv. Wabona kungcono ukuthi ahambe e-Ukraine. Kwakuphithizela futhi abantu babegibela izitimela bengazi nokuthi ziya kuphi. Isitimela u-Iryna ayesigibele sahamba esiteshini amawindi aso emboziwe ukuze singahlaselwa. Waze wathola sebesukile esiteshini ukuthi isitimela sasiya ngaseSlovakia.

Manje u-Iryna uhlala eCzech Republic, wafika enhloko-dolobha, ePrague, ngoMashi 3, 2022. Wathola umsebenzi wokuhlanza izindlu futhi uhlala nodade ababili base-Ukraine, nabo abangababaleki. U-Iryna ufunda ulimi lwesiCzech futhi usephinde wabuyela enkonzweni yesikhathi esigcwele, abelokhu egxile kuyo iminyaka engu-20.

U-Iryna wathi: “Ngazibonela ngawami indlela uJehova asinakekela ngayo esebenzisa abantu bakhe. Lokhu kwaluqinisa kakhulu ukholo lwami.”

Abafowethu nodadewethu abacishe babe ngu-23 000 banqume ukubalekela kwamanye amazwe. Ngisho noma sebeyitholile indawo ephephile, kusadingeka bafune umsebenzi, indawo yokuhlala, izincwadi ezingokomthetho, bafunele izingane izikole ezintsha bebe befunda ulimi olusha. Baqaphela ukuthi ukugxila ekukhonzeni uJehova, nothando abaluboniswa abafowethu kubasiza kakhulu phakathi nalesi sikhathi esicindezelayo.

U-Anatoli, u-Olena no-Alina Perceac sebehlala eRomania

Amalungu amathathu omndeni wakwaPerceac, u-Anatoli, u-Olena no-Alina oneminyaka engu-17, baqala ukuphila okusha eRomania ngemva kokuba amabhomu ecekele phansi indawo yangakubo eMykolaiv Oblast, e-Ukraine. Lo mndeni wathutha ngoMashi 6, 2022. U-Anatoli wavunyelwa ukuthuthela eRomania nomndeni wakhe ngenxa yokuthi uyisakhamuzi saseMoldova. U-Olena wachaza ukuthuthela kwelinye izwe “njengokusiphula isihlahla nezimpande zaso usitshale kwenye indawo.”

Manje abakwaPerceac sebenendawo ethi bona abahlala kuyo, abayithole besizwa abafowethu baseRomania. Ngaphezu kwalokho, u-Anatoli no-Olena sebewutholile umsebenzi, u-Alina ukwazile ukuqhubeka nezifundo zakhe esikoleni sakhe sase-Ukraine esebenzisa i-inthanethi.

Abafowethu nodadewethu eRomania abanakekeli kuphela izidingo zale mindeni ezingokwenyama kodwa banakekela nezidingo zayo ezingokomzwelo nezingokomoya. Abafowethu nodadewethu bahlale bechitha isikhathi nomndeni wakwaPerceac kangangokuthi awuzizwa ukhishwe inyumbazane njengoba uhlala kwelinye izwe. U-Olena no-Alina bafunda ulimi lwaseRomania nge-JW Language nangokushumayela enkonzweni nalabo abahlanganyela nabo ebandleni elisha. U-Anatoli wakhula elukhuluma ulimi lwaseRomania.

U-Anatoli wathi: “Zisuka nje sasibona isandla sikaJehova. Siyaluzwa uthando lukaJehova ngenhlangano yakhe nangendlela abafowethu nodadewethu abasisekela ngayo.”

UVladyslav Havryliuk nomama wakhe, u-Alina, bayazikhandla ukuze baqale ukuphila okusha ePoland

U-Alina Havryliuk, owashonelwa umyeni wakhe ngaphambi kwempi, wathuthela eSuwałki ePoland nendodana yakhe eneminyaka engu-16, uVladyslav, besuka eVinnystia, e-Ukraine, ngoFebhuwari 27. U-Alina wathi: “Ekuqaleni ngangizibuza ukuthi mina nendodana yami sizohlalaphi nokuthi sizophila ngani, kodwa ngangiqiniseka ngokuthi uJehova uzosinakekela.”

U-Alina, oneminyaka engu-37, wawufuna ngokushesha umsebenzi owawungeke umenze aphuthelwe imihlangano. Wathola umsebenzi wokuhlanza esikoleni. U-Alina wathi: “Okubaluleke nakakhulu ukuthi lo msebenzi unginikeza amathuba okushumayela futhi ngiyakwazi nokusekela umndeni wami.”

U-Alina noVladyslav bafunda ulimi lwesiPolish futhi bangamaphayona asizayo aqhubekayo ebandleni lesiPolish. UVladyslav uthole isikole azofunda kuso samabanga aphakeme.

Abafowethu nodadewethu e-Ukraine babhekene nezinselele eziningi futhi luningi ushintsho olwenzekayo ekuphileni kwabo kodwa uJehova uyaqhubeka ebanikeza amandla angaphezu kwavamile. Babonile ukuthi la mazwi akweyesi-2 Korinte 4:8 ayiqiniso: “Sicindezelwe kakhulu ngazo zonke izindlela, kodwa asivalelekile ekhoneni kangangokuthi asisakwazi nokunyakaza; sididekile, kodwa asibona abangenayo nhlobo indlela yokuphuma.”