Dlulela kokuphakathi

OCTOBER 11, 2013
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele Ebuyekeziwe

INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele Ebuyekeziwe

Phakathi nomhlangano okhethekile wango-October 5, 2013, oFakazi BakaJehova bamemezele ukukhululwa kohlelo olubuyekeziwe lwe-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele yesiNgisi. IKomiti Yezwe Elisha Yokuhumusha IBhayibheli yenze izinguquko ezivumelana nolimi olusetshenziswayo manje futhi yacacisa amagama athile eBhayibheli, yenza ukuba lifundeke kalula, kube lula nokuliqonda. Ngenxa yolunye ucwaningo emiQulwini YasoLwandle Olufile neminye imibhalo yasendulo, le nguqulo ebuyekeziwe ihlanganisa ihlanganisa ezinye izindawo eziyisithupha okuvela kuzo igama likaNkulunkulu: AbaHluleli 19:18; 1 Samuweli 2:25; 6:3; 10:26; 23:14, 16. Ungazidawunilodela i-PDF yale nguqulo noma uzitholele yona mahhala kuyi-application entsha ebizwa ngokuthi i-JW Library engosini ethi www.pr418.com.

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000