Dlulela kokuphakathi

Amalungu eNdikimba Ebusayo anikeza inkulumo yeSikhumbuzo: (ngakwesobunxele) uMfoweth u-Anthony Morris unikeza inkulumo emndenini waseBethel; (phezulu ngakwesokudla) uMfoweth’ uGeoffrey Jackson kanye (phansi ngakwesokudla) noMfoweth’ uMark Sanderson benzela amabandla inkulumo besezindlini zabo besebenzisa i-videoconference

EPHRELI 10, 2020
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

ISikhumbuzo Sango-2020—Ezakhiweni ZaseBethel Yase-United States

ISikhumbuzo Sango-2020—Ezakhiweni ZaseBethel Yase-United States

Ngo-Ephreli 7, 2020, naphezu kobhubhane lwe-coronavirus, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bagubha iSikhumbuzo sokufa kukaJesu Kristu. Njengoba uMfoweth’ uStephen Lett weNdikimba Ebusayo asho: “Alikho igciwane, alukho ubhubhane emhlabeni, olungadambisa indlela esimbonga ngayo uJehova noJesu ngalokho abasenzela kona noma okungenza buthaka indlela esizimisele ngayo ukugubha iSidlo SeNkosi Sakusihlwa.” Lokho kube yiqiniso kanjani kulo nyaka?

Lesi isihloko sokuqala kweziningi ezizoba sekhasini lezindaba ezizobe zichaza indlela abafowethu emhlabeni wonke abagubhe ngayo iSikhumbuzo phakathi nesikhathi sobhubhane lwe-coronavirus. Kulesi sihloko sokuqala, sizobona ukuthi senziwe kanjani iSikhumbuzo endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova nasehhovisini legatsha lase-United States.

Ngenxa yokulalela imingcele ebekwe uhulumeni mayelana nemibuthano, iNdikimba Ebusayo inqume ukuthi kuzoba nohlelo olulodwa lweSikhumbuzo oluzotholwa yiwo wonke amalungu omndeni waseBethel. Le nkulumo yenziwe ehholo eliseWarwick. UMfoweth’ u-Anthony Morris nguyena owenze le nkulumo. Wonke amalungu omndeni waseBethel e-United States abe nethuba lokubukela le nkulumo ezindlini zawo. Nakuba bembalwa abadlayo, kodwa ngomusa iHhovisi LaseBethel linikeze bonke emndenini izifanekiselo.

Izifanekiselo zeSikhumbuzo ezibekelwe umndeni waseBethel ukuze uzithathe

Izikhonzi zaseBethel nazo bezikwazi ukubukela uhlelo lweSikhumbuzo kanye namabandla ezikuwo nge-videoconference. Ngaphezu kwalokho, izikhonzi sazeBethel ezingabadala zivunyelwa ukuba zinikeze izinkulumo zeSikhumbuzo zisebenzisa i-videoconference.

AmaKristu ashadile akhonza eBethel yaseWallkill agubha iSikhumbuzo egunjini lawo laseBethel

Abaningi emndenini waseBethel bathi lesi Sikhumbuzo besingesikhetheke kakhulu ukuzedlula zonke ezedlule. Nakuba babengekho ndawonye ngokoqobo nalabo abakholwa nabo, kodwa bezwa sengathi bamunye nabafowabo nodadewabo emhlabeni wonke njengoba bebonisa ukubonga ngothando olwaboniswa uJehova uNkulunkulu kanye neNdodana yakhe uJesu Kristu.—Johane 3:16; Mathewu 20:28.