Dlulela kokuphakathi

AGASTI 31, 2020
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

Izenzakalo Ezivelele Zonyaka Wenkonzo Ka-2020

Izenzakalo Ezivelele Zonyaka Wenkonzo Ka-2020

Unyaka wenkonzo ka-2020 ulethe izinselele ezingakaze zibe khona emisebenzini engokomoya yoFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. Kodwa lezi zinselele ziveze ukuzimisela kwabafowethu nodadewethu ukuhlale beqotho benobunye.

Ubunzima obukhulu budalwe ubhubhane kwe-COVID-19, olubangele izinkinga ezinkulu emhlabeni jikelele, ngezinga elingakaze libonwe emlandweni wesintu.

OFakazi BakaJehova basithatha ngokushesha isinyathelo sokubhekana nalolu bhubhane. Bathola izindlela ezintsha zokuhlangana ukuze bakhonze uNkulunkulu, bakhuthazane, bashumayele nezindaba ezinhle.

Nayi eminye ‘imibiko emihle’ yalo nyaka oyingqophamlando.—IzAga 15:30.

Ukukhululwa KwamaBhayibheli

Kulo nyaka wenkonzo, inhlangano yethu ikhulule iNguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele iphelele noma iyingxenye ngezilimi ezingu-36. Ngenxa yemibandela ye-COVID-19, amaBhayibheli amaningi akhululwe kusetshenziswa ezobuchwepheshe phakathi nemihlangano ebibanjwe ngamavidiyo. INguqulo Yezwe Elisha manje isitholakala ngezilimi ezingu-193 iphelele noma iyingxenye.

Imibiko YeNdikimba Ebusayo

Kusukela ngoMashi 18, 2020, amalungu eNdikimba Ebusayo abelokhu ekhipha amavidiyo akhethekile ahlobene nalolu bhubhane inyanga nenyanga ku-jw.org naku-JW Library.

Embikweni wokuqala, uMfoweth’ uStephen Lett wathi nakuba lolu bhubhane lucindezela, lusinikeza ubufakazi obunamandla bokuthi “siphila engxenyeni yokugcina yezinsuku zokugcina. Ngokungangabazeki, yingxenye yokugcina eyengxenyeni yokugcina yezinsuku zokugcina!”

Naphezu kokungaqiniseki okubangelwa yilezi zikhathi, uMfoweth’ uLett wathi: “Njengabantu bakaJehova, akudingeki sethuke.”

Ngayinye yala mavidiyo inemibiko ekhuthazayo evela emhlabeni wonke. Le mibiko ibonisa ukuhlakanipha kokulalela isiqondiso esivela eNdikimba Ebusayo. Ezikhathini eziningi, izikhulu zikahulumeni zincome abafowethu ngokusabela ngokushesha nangokuhlakanipha kulolu bhubhane.

ISikhumbuzo Esiyingqophamlando

Sekungamashumi eminyaka abantu bakaJehova bosuku lwanamuhla behlangana ndawonye ukuze bagubhe iSidlo SeNkosi Sakusihlwa saminyaka yonke. Kulo nyaka, ezindaweni eziningi, ukuhlangana ndawonye bekungakhuthazwa noma kungavumelekile. Ezimweni ezinjalo, imindeni nabantu ngabanye bazilungiselele bona izifanekiselo zeSikhumbuzo, babuka nenkulumo yeSikhumbuzo ngevidiyo.

Kwezinye izindawo, bekungenakwenzeka ukuthi babuke ividiyo. Yilokho okwenzeka emagatsheni angu-11 e-Africa. La magatsha ahlela ukuba iSikhumbuzo sisakazwe ku-TV naseziteshini zomsakazo. Ukuhlela ngale ndlela kwabangela ukuba abamemezeli abangaphezu kuka-407 000 nabaningi abathakazelayo balalele isimiso.

Imihlangano Eqhutshwa Kusetshenziswa I-TV Neziteshi Zomsakazo

INdikimba Ebusayo iqhubekile nokusebenzisa uhlelo lokusakaza olwasetshenziswa ngeSikhumbuzo, yavumela amagatsha athile ukuba asebenzise le ndlela ukuze asakaze imihlangano yebandla. Ngale ndlela, abamemezeli basemazweni antulayo bakwazile ukulalela imihlangano yebandla yamasonto onke emsakazweni naku-TV. Kuze kube manje, angu-23 amagatsha asebenzisa lolu hlelo, okubalwa kuwo awase-Afrika, eYurophu, eNyakatho Melika naseNingizimu Melika.

AmaKomiti Okusiza Ezinhlekeleleni

Ngenxa yezinkinga ezidalwe ubhubhane lwe-COVID-19, kunzima kabafowethu nodadewethu abaningi ukuthola izidingo zokuphila. Angaphezu kuka-400 amaKomiti Okusiza Ezinhlekeleleni amisiwe emhlabeni jikelele ukuze asize ezindaweni okunzima kuzo ukunakekela izidingo zabamemezeli. Ngonyaka wenkonzo ka-2020, iNdikimba Ebusayo yagunyaza ukusetshenziswa kwemali engaphezu kwama-dollar ayizigidi ezingu-18 ukuze kunikezwe usizo kubamemezeli abangaphezu kuka-330 000 ngenxa ye-COVID-19.

Imihlangano Yesifunda Ebukelwa Kumavidiyo

Ngokokuqala ngqa, imihlangano yesifunda ibitholakala ngamavidiyo. Amalungu eNdikimba Ebusayo nabasizi bayo banikeza zonke izinkulumo ziqoshwa ngevidiyo. Ngemva kwalokho, lawo mavidiyo ahunyushelwa ezilimini ezingaphezu kuka-500. Lesi simiso somhlangano safakwa ku-jw.org naku-JW Library ukuze abamemezeli nanoma obani abanye abathandayo bakwazi ukusibukela ngokuphepha behlezi emakhaya.

Ukushushiswa Kuyaqhubeka

Ngaphandle kwenselele elethwa ubhubhane, abafowethu nodadewethu kwabamanye amazwe babhekene noshushiso olunzima.

Ngonyaka odlule, eRussia, amakhulu oFakazi ahlukumezeka ngenxa yokuseshwa kwemizi yawo ngokungemthetho kanye nokuboshwa. Njengamanje, bangu-42 abafowethu nodadewethu ababoshiwe eRussia, kanye nabanye ababili eCrimea. Kusukela iNkantolo Ephakeme yaseRussia yakhipha isinqumo sayo ngo-2017, sekuseshwe imizi yabafowethu engaphezu kuka-1 000.

Izwe elinenani elikhulu loFakazi ababoshiwe yi-Eritrea, lapho njengamanje kuboshwe khona abangu-52. Kulabo ababoshiwe kukhona uPaulos Eyasu, u-Isaac Mogos noNegede Teklemariam, abebelokhu bedonsa ejele kusukela ngoSepthemba 17, 1994 ngenxa yokwenqaba ukuba amasosha. Abanye abafowethu nodadewethu abangu-26 sebedonse iminyaka engaphezu kweyishumi ejele.

Siqhubeka sibathandazela abafowethu nodadewethu ababoshiwe ukuba bahlale benesibindi. Siyazi ukuthi bazibonakalisa bethembekile njengoba bekhuthazelela uvivinyo ababhekene nalo.—IsAmbulo 2:10.

Ukukhuthazela Ngokwethembeka

Kulo nyaka wenkonzo odlule, oFakazi emhlabeni jikelele babonise ubuqotho babo kuJehova ngokubamba iqhaza ezindleleni zokushumayela ezihlukile kwejwayelekile, bathola izindlela ezintsha zokukhuthazana, belalela ngokucophelela nesiqondiso seNdikimba Ebusayo kanye neziphathimandla zikahulumeni.

Kuzo zonke izenzo zabo ezibonisa ukuzinikela kuNkulunkulu, abafowethu nodadewethu babonise ukuthi bayamthanda uMdali wabo. Bazifundise nendlela yokwenza izinto ezobasiza bakhuthazelele uvivinyo oluseza.—Jakobe 1:2, 3.