Dlulela kokuphakathi

JUNI 17, 2022
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

Kufakwe Uhlu LwemiBhalo Olwengeziwe ENcwadini Yokucwaninga Eku-JW Library

Kufakwe Uhlu LwemiBhalo Olwengeziwe ENcwadini Yokucwaninga Eku-JW Library

Ngo-Ephreli 25, 2022, kwakhululwa INcwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova ethuthukisiwe ku-JW Library. Inohlu olwengeziwe lwezikhombo ezichaza imibhalo.

Yini Entsha?

Kusukela yakhululwa ngo-2013, INcwadi Yokucwaninga ibilokhu inohlu lwemibhalo olunezikhombo zezincwadi zakamuva.

Eminyakeni embalwa edlule, kuye kwafakwa izincwadi eziningi ezindala ku-JW Library. Izincwadi eziningi eziku-ONLINE LIBRARY yeBhayibheli manje seziyatholakala naku-JW Library. INcwadi Yokucwaninga ethuthukisiwe ihlanganisa nezikhombo zalezi zincwadi ezindala ne-Insight on the Scriptures. Le Ncwadi Yokucwaninga eku-JW Library iveza isigaba sesikhombo ngasinye ongakwazi ukusithola ngisho noma ungekho kwi-inthanethi.

Le ncwadi iphinde ibe nezikhombo zezifundo ezisencwadini ethi Phila Kuze Kube Phakade! Udade okuthiwa uKari wathi: “Ngiyathuka lapho ngifakaza ngocingo kodwa ngiyazi ukuthi abantu bayidinga kakhulu induduzo. Ngezinye izikhathi ngiyayikhumbula imibhalo ethile kodwa ngidinga usizo ukuze ngiyethule ngendlela elula nekhangayo, ezokwenza kuqhubeke ingxoxo. Njengoba ngikwazi ukubheka amavesi bese ngithola izikhombo ngokushesha e-Ncwadini Yokucwaninga enezifundo ezitholakala encwadini ethi Phila Kuze Kube Phakade!, lokhu kungenza ngizethembe kakhulu futhi ngijabule enkonzweni.”

Okwenziwayo ukuze kutholakale INcwadi Yokucwaninga kwenziwe ngendlela elula ukuze itholakale ngezilimi ezengeziwe. U-Ivo, okhonza egatsheni laseChile, wathi: “Kwakuqala ukuba INcwadi Yokucwaninga itholakale ngesiMapudungun. Angikaze ngisebenze ngale ncwadi kodwa indlela yokusebenza ngayo yayilula kakhulu. Kwabamangaza abafowethu ukuthola le ncwadi ngolimi lwabo. Babengakaze bacabange ukuthi le ncwadi yayingatholakala ngolimi olukhulunywa abantu abambalwa. Kwabajabulisa kakhulu ukuyithola ngoba iyithuluzi elisebenziseka kahle esifundweni somuntu siqu, ekulungiseleleni izimpendulo nezinkulumo.”

Indlela Yokusebenzisa Uhlu LwemiBhalo ENcwadini Yokucwaninga

  • EBhayibhelini, yiya evesini ofuna ukulicwaninga.

  • Khetha inombolo yevesi. Ezithonjaneni ezivela ngenhla, khetha ese-Ncwadi Yokucwaninga. Uma lungaveli uphawu lwe-Ncwadi Yokucwaninga, kusho ukuthi asikho isikhombo esichaza lelo vesi.

INcwadi Yokucwaninga iqale iveze izikhombo ezintsha. Uma ufuna izikhombo ezindala, ungabheka ngasekugcineni ewindini lokutadisha. Emavesini okuthuthukiswe indlela ebesiwaqonda ngayo, kufakwe izikhombo zendlela esiwaqonda ngayo manje.