Dlulela kokuphakathi

JULAYI 8, 2022
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

Kuqopheke Umlando Njengoba Kukhululwa AmaBhayibheli Angu-13 Ngempela-sonto Eyodwa

Kuqopheke Umlando Njengoba Kukhululwa AmaBhayibheli Angu-13 Ngempela-sonto Eyodwa

Ngempela-sonto kaJuni 25-26, 2022, kuqopheke umlando njengoba kukhululwe amaBhayibheli e-Nguqulo Yezwe Elisha ahunyushelwe ezilimini ezihlukahlukene ezingu-13. Ayisithupha kuphela amaBhayibheli ake akhululwa ngempela-sonto eyodwa. Lo mbiko olandelayo uchaza ngalesi senzakalo esiyingqopha-mlando.

IsiTzeltal

UMfoweth’ u-Armando Ochoa oyilungu leKomiti Yegatsha YaseCentral America ukhulule INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiTzeltal. Uhlelo lwalubukelwe abantu abangaba ngu-1 400. IBhayibheli likhululwe ngohlelo lwezobuchwepheshe nangohlelo olunyathelisiwe.

Omunye wabahumushi besiTzeltal uthe: “Uma ngicabanga ngawo wonke umsebenzi owenziwe, ngiyabona ukuthi uJehova usisekele kakhulu. Ngisala ngibambe ongezansi uma ngicabanga ngakho konke okufeziwe. Siyazi ukuthi lokhu kwenzeke ngenxa yosizo lomoya kaJehova.”

IsiWayuunaiki

UMfoweth’ uCarlos Moreno, ongummeleli wegatsha laseColombia, ukhulule INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki (Mathewu-IzEnzo) ngesiWayuunaiki. Uhlelo oluqoshiwe lubukelwe abantu abalinganiselwa ku-2 000 eColombia naseVenezuela. Ikhululwe ngohlelo lwezobuchwepheshe. Amakhophi anyathelisiwe aleli Bhayibheli elisha azokhululwa esikhathini esizayo.

IsiBaoule

UMfoweth’ uChristophe Coulot, oyilungu leKomiti Yegatsha YaseCôte d’Ivoire, ukhulule INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ephelele ngesiBaoule ohlelweni oluqoshiwe, obelubukelwe izilaleli ezingaphezu kuka-12 000. Ikhululwe ngohlelo lwezobuchwepheshe. Amakhophi anyathelisiwe azotholakala ngo-Okthoba 2022. Okukuqala ngqa INguqulo Yezwe Elisha ihunyushelwa olimini lwendawo ensimini yegatsha laseCôte d’Ivoire.

Omunye wabahumushi uphawulile ngalokho okubakhuthazile njengoba bebenza lo msebenzi: “Noma nini lapho sihlangabezana nobunzima, sasicabanga ngendlela abafowethu nodadewethu nabantu endaweni ababezojabula ngayo lapho bethola iBhayibheli ngolimi abaluncela ebeleni. Ukucabanga ngalokhu kanye nokusekelwa uJehova, kusinike amandla okuqhubeka.”

IsiWelsh

UMfoweth’ uPeter Bell, oyilungu leKomiti Yegatsha YaseBrithani, ukhulule INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiWelsh ohlelweni obelusakazwa bukhoma eHholo LoMbuso eWales. Kunabantu abangaba ngu-2 057 abebethamele lo mhlangano emaHholo OMbuso kulo lonke elaseWales nase-Argentina. Ikhululwe ngohlelo lwezobuchwepheshe ngaso leso sikhathi. Amakhophi anyathelisiwe azotholakala ngoDisemba 2022.

Elinye ilungu leqembu labahumushi lithe: “Ngeke ngalukhohlwa usuku lokuqala esahumusha ngalo igama likaJehova. Kwaba yisikhathi esangenza ngathobeka ngoba ngabona igama likaNkulunkulu libuyiselwa endaweni yalo elifanele.”

IsiManyawa NesiTewe

UMfoweth’ uMarcelo Santos, oyilungu leKomiti Yegatsha YaseMozambique, ukhulule IBhayibheli—Incwadi KaMathewu ngesiManyawa nangesiTewe ezinhlelweni eziqoshiwe. Lezi zinhlelo bezitholakala ku-JW Stream. Bezisakazwa kuthelevishini nasemsakazweni. Le ncwadi ikhululwe ngohlelo olulalelwayo nangolwezobuchwepheshe. Amakhophi anyathelisiwe azotholakala ngoSepthemba 2022.

Lena incwadi yeBhayibheli yokuqala eyaziwayo ehunyushelwe olimini lwesiManyawa futhi zimbalwa izincwadi zeBhayibheli ezaziwayo ezihunyushelwe olimini lwesiTewe. Abantu abathanda ukufunda nokulalela izinto eziqoshiwe bazozuza kakhulu.

IsiQuechua (Ancash), isiQuechua (Ayacucho) nesiQuechua (Cuzco)

UMfoweth’ uMarcelo Moyano, oyilungu leKomiti Yegatsha YasePeru, ukhulule INguqulo Yezwe Elisha ngohlelo lwezobuchwepheshe ngesiQuechua (Ancash), Quechua (Ayacucho) nangesiQuechua (Cuzco). Lezi izilimi ezintathu ezinkulu zesiQuechua ezikhulunywa ePeru. Uhlelo oluqoshiwe lubukelwe abantu abangaphezu kuka-7 000. Amakhophi anyathelisiwe azokhululwa ngo-Okthoba 2022.

Nakuba lezi zilimi zicishe zifane, isigodi ngasinye sinendlela yaso yokukhuluma isiQuechua ehlukile kwesinye, okwenza kube nzima ukuqonda iBhayibheli ngaphandle kokuzihumusha ngokuhlukana. Amaqembu abahumushi akhetha amagama aqondakala kalula kubafundi basezigodini zawo.

IsiNdebele, isiSuthu (saseLesotho), isiSuthu (saseNingizimu Afrika)

UMfoweth’ uKenneth Cook, oyilungu leNdikimba Ebusayo, ukhulule INguqulo Yezwe Elisha ngesiNdebele nangesiSuthu (saseNingizimu Afrika). Ukhulule INguqulo Yezwe Elisha ebuyekeziwe nangesiSuthu (saseLesotho). Bangaphezu kuka-28 000 abebebukele lolu hlelo oluqoshiwe, abanye bebelubukela emaHholo OMbuso abanye belubukela besemizini yabo. Lezi zinguqulo zikhululwe ngokushesha ngohlelo lwezobuchwepheshe, amakhophi anyathelisiwe kuhlelwe ukuba akhululwe ngoDisemba 2022. Kuyaqala ukuthi INguqulo Yezwe Elisha ephelele itholakale ngesiNdebele nangesiSuthu (saseNingizimu Afrika).

Mayelana neBhayibheli lolimi lwesiNdebele, elinye ilungu leqembu labahumushi lithe: “Leli Bhayibheli liyisibusiso sangempela kubantu abakhuluma isiNdebele endaweni yethu ngoba linegama likaJehova. Kuzobe kungokokuqala ngqa ukuba bazifundele igama likaJehova emaBhayibhelini abo.”

IsiNdebele (saseZimbabwe)

UMfoweth’ uShingirai Mapfumo, oyilungu leKomiti Yegatsha YaseZimbabwe, ukhulule INguqulo Yezwe Elisha ephelele ngohlelo lwezobuchwepheshe ngesiNdebele (saseZimbabwe). Amakhophi anyathelisiwe azokhululwa ngoJulayi 2022. Lolu hlelo oluqoshiwe lubukelwe izilaleli ezingaphezu kuka-8 700 emaHholo OMbuso akulo lonke elaseZimbabwe.

Nakuba ekhona amanye amaBhayibheli ngolimi lwesiNdebele (saseZimbabwe), amaqiniso eBhayibheli acace kakhudlwana kule nguqulo. Ngokwesibonelo, kuJohane 17:3, amanye amaBhayibheli esiNdebele athi uJesu Kristu ‘unguNkulunkulu Weqiniso.’ INguqulo Yezwe Elisha iwenza ucace umehluko phakathi kukaJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. Omunye umhumushi uthe: “Leli Bhayibheli lisebenzisa ulimi olukhulunywa nsuku-zonke.”

Ave kusijabulisa ukubona iZwi likaNkulunkulu litholakala emhlabeni wonke kubantu abafuna ukwazi iqiniso, okubenza bakwazi ‘ukuthatha amanzi okuphila mahhala’ ngolimi abaluncela ebeleni.—IsAmbulo 22:17.