Dlulela kokuphakathi

U-Emilia eSwitzerland

EPHRELI 15, 2020
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

OFakazi Abasebasha Baba Abavangeli Abanobuchule Phakathi Nobhubhane

OFakazi Abasebasha Baba Abavangeli Abanobuchule Phakathi Nobhubhane

Intsha yethu emhlabeni wonke ibonisa ukuthi izimisele ukuqhubeka nesimiso esihle esingokomoya ngokuthola izindlela zokushumayela nokukhuthaza abanye abakhulekeli phakathi nobhubhane lwegciwane i-coronavirus.

ENew Zealand, umphakathi ubulokhu ubeka amathoyizi, onodoli bamabhere nezithombe emafasiteleni ukwenzela izingane ukuthi zikubone uma zihamba emgwaqweni. Ibona ithuba lokushumayala, intsha yasemabandleni ahlukahlukene iye yenza izimpawu ezibonisa uKhwezi noSimangele ezibhalwe ukuthi “Ngibukele kuyi-jw.org.”

UKhwezi noSimangele babekwe efasiteleni eNew Zealand

U-Emilia, oneminyaka engu-9 waseSwitzerland onamasosha omzimba abuthaka, wabhalela izakhamuzi zesikhungo esinakekela abahlala kuso, esinemingcele uma uzovakasha. U-Emilia wafaka imidwebo kaNowa nomkhumbi ezincwadini. Echaza ukuthi uNowa nomndeni wakhe bake bavaleleka, kodwa ukuvaleleka kwabo kwabagcina bephephile. Wakhuthaza izakhamuzi ukuthi “zihlale ngaphakathi njengoNowa.” Uma seluphelile ubhubhane, u-Emilia ufuna ukuzivakashela ngokuqondile lezi zikhamuzi.

Abantu bazijabulele izincwadi zika-Emilia futhi uye wakwazi ukubhalela abanye izincwadi zokulandelela. Umcosheli wezindaba wendawo wezwa ngo-Emilia wabe esemfaka esihlokweni sephephandaba.

Umndeni wakwaKempf eCanada

UPeyton no-Ella Kempf, odade abasha abahlala e-Ontario, eCanada, bahlala bexhumene nebandla phakathi nobhubhane. Ubaba wabo, uJared, uyachaza: “Phakathi nokukhulekela komkhaya, izingane zethu zenza uhlu lwabo bonke esifuna ukuxhumana nabo.” Umama wabo uJessica, uyenezela: “Sifuna ukufundisa amantombazane ukuthi kubalulekile ukuqiniseka ukuthi abafowethu nodadewethu, umndeni nabangane bethu bayazi ukuthi abakalitshalwa.”

UStella e-United States

Ngendlela efanayo, eColorado, e-U.S.A., uStella oneminyaka engu-9 nonina bagxile ekuthinteni abazalwane nodade abakhulile ebandleni labo. Benze uhlu base bafonela wonke umuntu okulo.

Abazalwane ababili, uJonathan noSean McKampson, abaneminyaka engu-12 nengu-15 ubudala, bakhonza nabazali babo ebandleni lolimi lesiShayina e-Arizona. Baqhubeka nokushumayela ngokubhala izincwadi ngeSishayina njalo ekuseni ngaphambi kokuya esikoleni. Ngenxa yokuthi basalufunda ulimi, kudinga isikhathi eside nomzamo ukuqeda izincwadi. Kodwa bazimisele ukuhlanganyela umyalezo weBhayibheli nabantu abakhuluma isiShayina.

UJonathan noSean e-United States

Izingane eziyisithupha, eziphakathi kweminyaka emibili kuya kwengu-15 ubudala, bezilokhu zivakashela ikhaya lasebekhulile entshonalanga yeMichigan nomama wazo nodade oyiphayona. Nokho, ngenxa yobhubhane lwe-coronavirus, iziphathimandla zikumisile okwesikhashana ukuvakashela ikhaya lasebekhulile. Manje, abazali bathumela izingoma zoMbuso ezirekhodiwe eziculwa yizingane noma zifunda imiBhalo, ezakhamuzini zasekhaya labakhulile. Udokotela wesikhungo obhekele ezokuzijabulisa watshela ubaba wezingane ukuthi enye yamavidiyo yathoba imizwa yomunye wezakhamuzi owayecindezelekile ngemva kokubuka imibiko yezindaba zabantu asebebulawe yigciwane le-coronavirus.

Siyaqiniseka ukuthi uJehova uyayazisa imizamo yale ntsha njengoba ibonisa uthando ngomakhelwane futhi idumisa Yena ngenkonzo yabo yobuchule.—IHubo 148:12, 13.