Dlulela kokuphakathi

EVenezuela: Udadewethu uqopha i-voice-over ngolimi lwesiWarao (ngenhla kwesobunxele), abafowethu ababili abangamalungu eqembu labahumushi besiPiaroa bayasebenza (phakathi nendawo kwesobunxele). ENingizimu Korea: Umndeni ubukele isimiso somhlangano ka-2020 (kwesokudla)

SEPTHEMBA 4, 2020
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

UMhlangano WeSifunda Ka-2020—Abahumushi Bazinqobile Izinselele

UMhlangano WeSifunda Ka-2020—Abahumushi Bazinqobile Izinselele

UMhlangano WeSifunda Ka-2020 othi “Jabula Ngaso Sonke Isikhathi”! wawungomunye wemihlangano ephawuleka kakhulu emlandweni wanamuhla woFakazi BakaJehova. Lo mhlangano wahunyushelwa ezilimini ezingaphezu kuka-500 wabe usubukelwa ezintweni zobuchwepheshe. Abahumushi kwadingeka banqobe izinselele eziningana, kuhlanganise ukushoda kwezinto ababezidinga zokusebenza nobufushane besikhathi ababenaso sokuphothula umsebenzi.

Ilungu leqembu labahumushi bolimi lwesiKikuyu eKenya lithi: “Ngenxa yokuthi igatsha laliku-lockdown, sasinabantu abambalwa kakhulu esasingasebenzisa amaphimbo abo ekuqopheni. Sanqoba le nselele ngokusebenzisa abafowethu nodadewethu abangekho ehhovisi. Sizizwa sinelungelo ngethuba esibe nalo lokubona ukusebenza komoya kaJehova.”

Iqembu labahumushi boLimi Lwezandla LaseKorea kanye neqembu labahumushi besiKorea ayebhekene nezinselele ezifanayo. Amavolontiya asebenzela emakhaya avame ukusiza la maqembu ayengakwazi ukuza eBethel ukuze azosiza ngokuqopha.

Istudiyo somkokotelo esakhiwe ekhaya lomfowethu ukuze kuqoshwe izinkulumo namavidiyo ngoLimi Lwezandla LwaseKorea

Ukuze babhekane nalezi zingqinamba, abafowethu bahlela izindawo zokuqopha emakhaya abo. Izinto eziningi zokuqopha zanikelwa abafowethu bendawo. Ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi yonke imihlangano yomphakathi yase ihoxisiwe, ihhovisi legatsha lakwazi ukusebenzisa amanye amakhamera asemaHholo Omhlangano ukuze kuqoshwe isimiso ngolimi lwezandla.

EVenezuela, abanye abahumushi babenenkinga ye-Inthanethi engadonsi kahle. Abanye babengenawo amathuluzi anele okusebenza. Kodwa laba bahumushi abakhuthele basebenzisa noma yini ababenayo ukuze benze umsebenzi wabo. Ngokwesibonelo, kwenye indawo abahumushi basebenzisa omatilasi bombhede ukuze bavimbe umsindo lapho berekhoda.

Endaweni yaseJuba, eNingizimu Sudan, kuneqembu elihumushela olimini lwesiZande. Omunye wabahumushi uthi: “Lapho ngizwa ukuthi sasizosiqopha sonke isimiso somhlangano wesifunda, ngacanga, ‘Kuzokwenzeka ngempela? Ngeke sikwazi ukuqopha sonke isimiso somhlangano onezinto ezilalelwayo namavideo angaphezu kuka-90 ngezinyanga ezimbili nje kuphela.’ Manje njengoba ngibona ukuthi umsebenzi wenziwe ngempumelelo, sengiqiniseka ngokuphelele ukuthi akukho lutho alungavimba uJehova kuba afeze intando yakhe. Indlela yakhe yokwenza izinto iyamangalisa!”—Mathewu 19:26.

Isimiso soMhlangano Wesifunda Ka-2020 othi “Jabula Ngaso Sonke Isikhathi”! sasiyisipho sangempela esivela kuJehova, “othanda ukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zithole ulwazi olunembile lweqiniso.”—1 Thimothewu 2:4.