Dlulela kokuphakathi

MAY 16, 2013
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

Imihlangano YoFakazi BakaJehova Ethi “Izwi LikaNkulunkulu Liyiqiniso!” Iyaqala

Imihlangano YoFakazi BakaJehova Ethi “Izwi LikaNkulunkulu Liyiqiniso!” Iyaqala

ENEW YORK—OFakazi BakaJehova benza izinhlelo zemihlangano yabo yaminyaka yonke nomkhankaso wokumemela abantu kuyo. Isihloko somhlangano walo nyaka sithi “Izwi LikaNkulunkulu Liyiqiniso!” Bazoqala ukuba nale mihlangano e-United States phakathi no-May bese iqhutshwa nakwamanye amazwe kuze kube ngu-December.

“Isihloko salo mhlangano sibalulekile ngoba siqokomisa lokho okusemqoka emindenini yoFakazi BakaJehova,” kusho uJ. R. Brown, ongumkhulumeli woFakazi. “Imikhaya yoFakazi yamukela iBhayibheli njengeliyisiqondiso neliwumthombo weseluleko esinokwethenjelwa kunazo zonke kulezi zikhathi ezinzima. Futhi sicabanga ukuthi nomphakathi uzozuza futhi usijabulele lesi simiso esiwusizo.”

UMnu. Brown uthi isifundo seBhayibheli somuntu siqu siyinto eza kuqala koFakazi BakaJehova. Masonto onke, imindeni yoFakazi ichitha ubusuku obubodwa itadisha iBhayibheli futhi icwaninga; lokhu bakubiza ngokuthi “ukuKhulekela Komkhaya.” UMnu. Brown uyanezela, “Kulo nyaka umhlangano uzonikeza imikhaya nabantu ngabanye amathuluzi amasha sha angasetshenziswa esifundweni seBhayibheli somkhaya nesomuntu siqu. Futhi la mathuluzi ayinto oFakazi abahlale bekubheke ngabomvu ukuba bayithole unyaka nonyaka kule mihlangano.”

Izinsuku nezindawo eziqondile zeMihlangano Yesigodi Ka-2013 ethi “Izwi LikaNkulunkulu Liyiqiniso!” zitholakala engosini engokomthetho yoFakazi—i-jw.org. Abezindaba bangathintana nehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova ukuze bathole okunye ukwaziswa, kuhlanganise negama lomuntu abangathintana naye ukuze bathole umbiko mayelana nomhlangano.

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000