Dlulela kokuphakathi

MARCH 13, 2014
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

OFakazi BakaJehova Bakhipha IBhayibheli Elibuyekeziwe Ngohlelo Olubhalwe Ngokugqamile

OFakazi BakaJehova Bakhipha IBhayibheli Elibuyekeziwe Ngohlelo Olubhalwe Ngokugqamile

ENEW YORK—Emizamweni yabo eqhubekayo yokuba abantu abaningi ngangokunokwenzeka bathole iBhayibheli, oFakazi BakaJehova bakhiphe INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ebuyekeziwe yohlelo olubhalwe ngokugqamile. Kuhlelwe ukuba kunyatheliswe amakhophi ale nguqulo angu-424 000 lapho inyatheliswa okokuqala e-United States naseJapane.

OFakazi bakhiphe uhlelo oluvamile lwe-Nguqulo Yezwe Elisha emhlanganweni wabo okhethekile owawusakazwa ngo-October 5-6, 2013 emazweni angu-31. Inguqulo yango-2013 ithuthukiswe ngendlela ephawulekayo kusukela kweka-1984. Ngo-October 7, 2013, oFakazi benze le nguqulo yeBhayibheli yatholakala kuyi-application ebizwa ngokuthi i-JW Library, esidawunilodiwe izikhathi eziyizigidi ezingu-1,4. INguqulo Yezwe Elisha itholakala nangezinhlobo ezihlukahlukene zamafayela engosini ethi www.pr418.com.

INguqulo Yezwe Elisha inezikhombo ezingaba ngu-60 000 kuzo zonke izinhlobo zamafayela etholakala ngazo, ezisiza abafundi ukuba bawuqonde kangcono umongo womlando weBhayibheli. Iunanemidwebo enemibalabala, amabalazwe ezindawo zaseBhayibhelini namashadi anemininingwane yokuphila kwansuku zonke kwangezikhathi zeBhayibheli. Isithasiselo sithi lokhu kuwumgogodla wokuhumusha iBhayibheli nomlando wendlela iBhayibheli elalotshwa futhi lalondolozwa ngayo.

Uhlelo lwango-1984 lwe-Nguqulo Yezwe Elisha lwalunalo igama likaNkulunkulu elalivela kulo izikhathi ezingaba ngu-7 000. Nokho, uhlelo luka-2013 luveza nocwaningo olusanda kwenziwa lapho igama likaNkulunkulu livela khona emibhalweni emidala yeBhayibheli. Ngokwalokho okwatholakala lapho kuphinde kuhlolisiswa imiQulu YasoLwandle Olufile neminye imibhalo yasendulo, igama likaNkulunkulu liphinde lafakwa kwezinye izindawo eziyisithupha kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha. Zitholakala kubaHluleli 19:18; 1 Samuweli 2:25; 6:3; 10:26; 23:14, 16. Isithasiselo siphinde sikhulume ngokusetshenziswa kwegama likaNkulunkulu ezilimini zasendulo zesiHebheru nesiGreki nangokuvela kwalo ezinguqulweni zeBhayibheli ngezilimi eziningana zanamuhla.

OFakazi banomlando omude wokunyathelisa, ukuthumela nokuhumusha INguqulo Yezwe Elisha, izazi eziyihlonipha kakhulu ngenxa yokunemba kwayo. Imibhalo yokuqala ephelele yale nguqulo yatholakala okokuqala ngqa ngesiNgisi, ngo-1961. Ngo-1963, i-The New York Times yabika ukuthi INguqulo Yezwe Elisha izotholakala nangezinye izilimi eziyisithupha, njengoba kwakumenyezelwe emhlanganweni woFakazi owawuseYankee Stadium. Kusukela lapho, oFakazi baye bakhipha le nguqulo ngezilimi ezingaphezu kuka-120. Eminyakeni yamuva, iKomiti Yokuhunyushwa KweNguqulo Yezwe Elisha yanquma ukubuyekeza INguqulo Yezwe Elisha ukuze iyivumelanise nezinguquko zolimi lwanamuhla futhi icacise amagama athile eBhayibheli ukuze ithuthukise indlela efundeka neqondakala ngayo.

“Sajabula kakhulu lapho sithola uhlelo lokuqala lwe-Nguqulo Yezwe Elisha eminyakeni engaphezu kuka-50 edlule, futhi kujabulisa nakakhulu ukuthola uhlelo lwamuva olubuyekeziwe,” kusho uJ. R. Brown, ongumkhulumeli woFakazi BakaJehova endlunkulu yabo yomhlaba wonke. “Inhloso yethu iwukuba imiBhalo Engcwele iqondwe yibo bonke abantu, ibe nolimi olunembile, oluhloniphekile nolukhulunywa namuhla.”

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000